KUFEZEKE iphupho leminyaka esagugeni saseLimpopo, esineminyaka engu-96,esithole indawo yokuba ngomunye wabalingisi bomdlalo iMuvhango.
UTshinakaho Mananga olingisa indawo kaVho-Nyadzanga ozosiza ngokuqhubeka esigodlweni sasebukhosini eThathe, uyaqala ngqa ukulingisa kulo mdlalo okhonjiswa kwiSABC2.
Ekhuluma ngendawo yakhe, uthe kwakukudala efisa ukungena ekulingiseni ikakhulukazi kulo mdlalo kodwa kungezeki. Uveze ukuthi uzofika njengomuntu ongalindelekile, ozogcina enobudlelwane obuhle noLindelani (Ronewa Mudau).
Uthe yena noLindelani yize bezoqala ngokungezwani kahle kodwa ubudlelwane babo buzokhula njengoba ezobe emsiza ngezinto okumele azamukele nezishiya umndeni wakhe umangele.
"Bese kunesikhathi ngayithandazela le ndawo engigcine ngiyitholile. Bengingafisi ukuthi ngize ngisuke eLimpopo ngiye eGoli, ukuze ngithole lo msebenzi. Engangikufuna wukuthi uma lo mdlalo uzoqophela lapha (eLimpopo) ngibe yingxenye yawo.
“Ngiyabonga ukuthi lokho kugcine kwenzekile. Ngihlala nginconywa ngendlela engenza ngayo uma silingisa, nabancane ngakithi besho indlela engimuhle ngayo," kusho le ntombi endala.
Uthe lokhu okwenzekile kumkhumbuza ukuthi iminyaka kayisho lutho kepha uma into uyithanda wenza konke okusemandleni ukuyithola.
"Ukuzihlonipha yikhona okungibeke lapha. Ngingasho ngingananazi ukuthi kufezeke elinye lamaphupho ami futhi ngizoqhubeka nokuzikhandla.
“Yize abantu bengibabaza iminyaka yami kodwa mina ngisazizwa ngisemusha futhi nginomdlandla kakhulu, nababukeli bazowubona kulo mdlalo," kuchaza yena.
Uveze ukuthi ekhaya bajabule ngendlela engachazeki, omalokazana bakwakhe nabazukulu bayaziqhenya ngaye.