ABACULI bakamaskandi abanezingoma ezisematheni kulezi zinsuku, bacacisa ‘eyokuxabana’ kwabo ezinkundleni zokuxhumana, osekubaveza njengezimbangi.
UGatsheni wodumo lwengoma iHit after Hit neGcokama Elisha lodumo lweParis, bathi awukho umbango ophakathi kwabo kodwa bekungukucacisa ezinye izinto okubenze sengathi bayaxabana.
KwiFacebook, kuqale iGcokama Elisha elibhale ukuthi beliqashwe esikhungweni semfundo ephakeme i-University of Zululand ukuzonandisa khona kodwa bagcina bengakwazanga ukulikhokhela, base bethatha uGatsheni ngoba ebiza imali encane enguR15 000.
UGatsheni naye uphendulile waze wafaka nobufakazi bokuthi ukhokhelwe uR40 000 eNyuvesi yaseZululand, akuwona uR15 000 lo oshiwo yiGcokama.
Kuthintwa uGatsheni ngalolu daba, uthe abaxabene neGcokama kodwa ubefuna ukucacisa ngenkulumo yalo ebingelona iqiniso.
“IGcokama Elisha umkhaya wami futhi siyaxhumana nasezingcingweni sixoxe, akukho okubi. Okwenze ngabhala ukuthi bengingafuni abantu basale nento okungeyona iqiniso ukuthi mina ngiqashwa ngoR15 000. Angizimisele futhi ngokuthi ngibe nezinhlangothi engihamba nazo la emculweni kamaskandi ngoba kuyabalimaza abaculi abaningi lokho. Mina ngimi ekushayeni ingoma nje kuphela futhi ngithanda ukusebenzisana nawo wonke umculi kamaskandi okhona,” kusho uGatsheni.
IGcokama Elisha lithe empeleni le nkulumo yokuqashwa kukaGatsheni ngoR15 000 belingayibhekisile kulo mculi, kodwa beligudla ngayo abahleli bomcimbi wakule nyuvesi okugcine kunandisa uGatsheni kuwona.
“Into eyenzekile ukuthi abaculi bomcimbi waseNyuvesi yaseZululand, bebenze izingqwembe ezinabaculi bakamaskandi, bebuza ukuthi bathanda kufike muphi umculi kubona. Abafundi bakhetha mina. Bathe uma sebexhumana nami bezwa ukuthi ngiyabiza, bahamba bangabe besabuya.
“Bagcina sebeletha uGatsheni, bangabe besabachazela abafundi ukuthi bahlulekile ukukhokhela mina. Ngenxa yokuthi kwase kudume ukuthi ngiyeza ngagcina ngingafikanga, bengifuna bazi abafundi ukuthi akubanga isinqumo esathathwa yimina ukungafiki kodwa kwahluleka abahleli, besindwa yimali engiqashwa ngayo. Iphutha abalenza ke elokuthi bangezi kumina sixoxisane ngemali, bavele babaleka,” kusho iGcokama.
Uthe ngeke amcindezele uGatsheni, wathi ukube uyamcindezela ubengangena e-studio adedele amahlazo ngaye kodwa yena usedlulile kuleso sikhathi.