INKAKHA yomlingisi uWarren Masemola idalule ukuthi kuphenduleke umthandazo weminyaka ngoba kade yayifisa ukuba yingxenye yomdlalo iSkeem Saam kwiSABC1.
UWarren noLesley Musina bazoba yingxenye yomdlalo kusuka ngenyanga ezayo. UWarren uzolingisa indawo kaGopane kanti uzoqala ukubonakala ngoNovemba 24, kuthi uLesley ozolingisa indawo kaMr Kgomo aqale ukubonakala ngoNovemba 20.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yomdlalo uWarren, uthe uzizwa esekhaya eLimpopo, njengoba beqophela khona umdlalo, kungathi kusemakhaya.
“Mina ngizalelwe elokishini eTshwane, kodwa ukuba kulo mdlalo kungikhumbuze emuva lapho umndeni wami usuka khona, nengangivakashela khona ngesikhathi ngisakhula. Ngizizwa ngisekhaya, kuhle ngayo yonke indlela ukuba kulo mdlalo njengoba bese kuyisikhathi ngifisa ukuba yingxenye yawo ngakho ngijabule futhi ngiyathemba ababukeli bazoyijabulela indawo engizoyilingisa,” kuchaza uWarren.
Uqhube wathi ngale ndawo uzizwe ebuyela kubalandeli bakhe akade abagcina ngoba bese kuyisikhathi enyamalele ekulingiseni.
"UGopane, uzalelwe eTurfloop, futhi wazi okuningi ngaleli dolobha. Kodwa uyashiya kulo aye eGoli, ngoba ethole umsebenzi wokushayela amatekisi. Uyabuya eTurfloop, kungazelele muntu ngemuva kokuthi indodana yakhe uSmaki, inyamalale isigubhukane. Ukubuya kwakhe kuthusa imindeni eminingi endaweni yangakubo ngoba ubatshela ukuthi uzokhipha amaqiniso abantu abathize, ukuze kuphume iqiniso lokuthi ngempela kwenzakaleni endodaneni yakhe,“ kuchaza uWarren.
“Sibonga bonke abasebenzi nabalingisi abasamukele ngezandla ezimhlophe kulo mdlalo, mina noLesley sizizwe sisekhaya ngempela ngathi kade saba yingxenye yawo,” kuchaza uMasemola.