UMNDENI waKwaGumbi, eRichards Bay, uzoqhubeka nokugqamisa isiko lesithembu kanjalo nelokukhuliswa kwezingane uma sekuqala isizini yesibili yohlelo iThe Gumbi’s kwiSABC1.
Isizini yesibili yalolu hlelo, izoqala ukukhonjiswa ngo-Okthoba 14, ngo-6 ntambama.
Kulona kuzobonakala uLucky Gumbi namakhosikazi akhe amabili, uBayede Cebekhulu-Gumbi noNombuso Malinga-Gumbi, bekhombisa izibukeli zalolu hlelo okwenzeka empilweni yabo, beqhubeka lapho begcine khona ngesizini eyedlule.
Ekhuluma ngalolu hlelo uCaroline Phalakatshela weSABC, uveze ukuthi bazophinde baveze izinto ezehlukene ezenziwa wuGumbi, amakhosikazi kanjalo nezingane ezizalwa kulo mndeni.
“Esiqeshini sokuqala nje, kuzokwenzeka obekungalindelekile njengoba uLucky, ezotshela amakhosikazi akhe ukuthi usezinhlelweni zokuthatha unkosikazi wesithathu, okuwashiya enemibuzo eminingi kodwa izibukeli kumele zibuke uhlelo ukuze zithole izimpendulo zalokhu okuvezwa nguLucky. Ngalesi sicelo sikaLucky, izibukeli kumele zilindele ukuthi lo mndeni ngabe sizowuqoqa noma sizowuhlakaza yini,” kusho uCaroline.
Uveze ukuthi okunye okuzothatha amehlo ezibukeli wukuthi lo mndeni uthatha isinqumo sokusuka esifundazweni KwaZulu-Natal njengoba usunekhaya elisha ePitoli.
“Bahamba nje, bazobe beqeda ukwenzela indodakazi yakhona encane uSenamile, umcimbi wokuthi isingena ebuntombini, okuwumcimbi owaziwa ngokuthi wumhlonyane, ngakho isiko ngenye yezinto esizoyibona kakhulu igcinwa kule sizini, okuyinto eyenza amakhosikazi kaGumbi aziqhenye kakhulu ngengane kanjalo nomcimbi akade bewenzile,” kuchaza yena.
Isizini yokuqala yohlelo, yathatha amehlo abaningi njengoba yize uGumbi namakhosikazi akhe ayesezakhele igama ezinkundleni zokuxhumana, kodwa abantu babefuna ukwazi kabanzi ngemisebenzi ayenzayo nokuthi uphila kanjani namakhosikazi akhe.
Lolu hlelo lwaba ngolunye olwenza kahle ngokwezibalo zezibukeli.