BAZOQHAKAMBISA iqhaza lezingqalabutho kwezomculo emcimbini wezindondo, iBasadi in Music Awards. Kuzobe kungokwesibili kusingathwa lo mcimbi oklomelisa amaciko ngezindondo. Inhloso yawo ukuhlonipha amagalelo neqhaza elibanjwe ngabantu besifazane emkhakheni wezokungcebeleka.
UHloni Modise-Matau, oyisikhulu esiphezulu kwiBasadi in Music uthe, bahlela ukuthi bakwenze njalo ukuhlonipha izintokazi ezibambe iqhaza ekuthuthukiseni umuntu wesifazane.
“Labantu besifazane abagcinanga ngomculo kuphela kodwa bavule amasango. Sizohlonipha uLetta Mbulu, PJ Powers, no-Angelique Kidjo,” kuchaza uHloni.
UHloni wengeze ngokuthi zozintathu izingqalabutho zamaciko zizohlonishwa, ngeLife time Achievement Award. Wathi bahlele ukusingatha umcimbi wezindondo ngo-Agasti 12, lapho bezohlonipha iqhaza lembokodo ngokuba ngamavulandlela kwezomculo.
Iphawula inkakha kwezomculo uLetta ithe, izizwa ithobekile ngokuhlonishwa kulo mcimbi. Kanti uPJ Powers uthe akazi nokuthi enze njani futhi akakakholwa namanje ngendlela ajabule ngayo.
Uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe nguKhanyi Mbau.
Kwenzeka lokhu nje, kayisalanga ngaphandle nentatheli yeSolezwe uNokubongwa Phenyane. Intatheli yezokungcebeleka, iqokelwe emncintiswaneni ngenxa yegalelo layo ekucikozeni ngezobumnandi.