KULINDELEKE ukuthi kubonakale intsha esanda kungena emkhakheni wokulingisa emdlalweni omusha othi DiChipi by JiK’iZinto ozoqala ngoLwesine kuSABC1 ngo6.30 ntambama.
Lo mdlalo ulandela amantombazane amathathu angabangani, abhekene nezinkinga ezihlukene zobusha emphakathini okhulele kuwo eSoshanguve.
Kuzogqama phambili uNkateko Mabunda ozobe elingisa indawo kaNthabiseng, Azande Mkhungo (Mpume), Lesego Jacobs (Lorcia), noKeenan Angelo Arrison (Anton).
UNkateko, ekhuluma ngalo mdlalo, uveze ukuthi kuzogqama izinto intsha yasemalokishini ebhekene nazo njengoba ikhula.
“Umdlalo wamahlaya ozoveza imizwa ehlukene kubantu abazowubuka njengoba bezokhala, bahleke ngenxa yokuthi le ntsha izobe ibhekana nezinselelo zempilo. Phakathi kwalezi zinselelo kubalwa ubudlelwane bezothando, imikhakha yemfundo, izingqinamba ezithinta izifo zengqondo nokunye intsha ekhulayo ekufunayo kanjalo nemindeni ephuma kuyo. Ngijabule ukuba yingxenye yalo mdlalo ofundisayo futhi nginxusa intsha ukuthi iwubuke njengoba uzosikhulisa sonke,” kuchaza uNkateko.
Uthe okunye abahlose ukukugqugquzela ukunika ulwazi ngezinqumo intsha ezithathayo uma ikhula.
“Umyalezo ophethwe yilo mdlalo yiwona ongenze ngawuthanda kakhulu, ngafisa nabanye bawubone singakaqedi ngisho ukuwuqopha. Ababukeli ngifisa ukuthi bangawubuki ngomqondo wamahlaya nokuthi into elingiswayo kodwa babuke eduzane kwabo, babheke izingane abazikhulisayo. Nayo intsha ikhethe kahle izinto efuna ukuzenza empilweni,” kuchaza yena.