ABACULI bodumo lwefilimu iWhy Did I Get Married uJanet Jackson noJill Scott, bangabaculi baphesheya kwezilwandle osekuvele ukuthi bazohamba phambili emcimbini walo nyaka iDStv Delicious International Food & Music Festival ezoba ngoSepthemba.
Lo mcimbi odonsa amehlo abantu abahlukene kuleli uzoba kusuka ngoSepthemba 21 no 22, eKyalami Grand Prix Circuit.
Kuwo kulindeleke ukuthi kunandise abaculi okubalwa kubo uThandiswa Mazwai, Sjava, The Soweto Gospel Choir, Boom Shaka, Cassper Nyovest, Focalistic, Khuli Chana, Maggz, Morafe, Okmalumkoolkat, Mzwakhe Mbuli SNR, Yvonne Chaka Chaka, Sipho “Hotstix” Mabuse, Jesse Clegg, Zolani Mahola nabanye.
UYatish Narsi wakaDStv uveze ukuthi bajabule ukuthi lo mcimbi uzoba khona nakulo nyaka njengoba begubha iminyaka engu-30 elakuleli lakhululeka ngisho emkhakheni wezobuciko.
“Ukugqama kwezinhlanga ezihlukene esinazo kuleli ngenye yezinto ezenza lo mcimbi udonse amehlo abantu abaqhamuka ezindaweni azahlukene hhayi nje lapho osuke ubanjelwe khona kuphela. Ukudla nomculo ngenye yezinto futhi ezenza lo mcimbi uthakaselwe abaningi selokhu waqala ngo-2013. Nengqephu ngeke siyishiye ngaphandle ngoba ngezinye zezinto abantu abazifakile kuwo futhi ugqamisa izindlela ezihlukene zokugqoka kubantu abasuke bewuhambele,” kusho uYatish.
Uthe uyathemba nakulo nyaka lo mcimbi uzoqhubeka nokukhula futhi bazimisele ukuthi balungise kuwona wonke amaphutha abantu abakhuluma ngawo uma lo mcimbi usudlule.