LIKHONJWE indlela igeza lomlingisi womdlalo waku e.tv Imbewu: The Seed okuthiwa lihlulwa wumsebenzi.
UXolani Mfeka odlala indawo kaNganono kulo mdlalo kuthiwa uzogcina ukubonakala ngoJanuwari ngonyaka ozayo.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uXolani ukuqinisekisile ukuthi usetsheliwe ukuthi indawo yakhe kulo mdlalo iyaphela.
Uthe kodwa okwamanje usenokudideka ngoba Imbewu iyamchitha kodwa isiteshi i-e.tv asifuni ukumdedela.
“Abe e.tv bangibizele emhlanganweni ekupheleni kwenyanga ukukhuluma ngomsebenzi wami.
“Ngizogcina ukubonakala ekupheleni kukaNovemba bese ngibuya njengesipoki ngoJanuwari ngonyaka ozayo ngaphambi kokuphela kuka-Season1.
“Ngiyadideka ukuthi bambulala kanjani uNganono uma bezombuyisa abe yisipoki kodwa bangamfaki kuSeason 2,” kusho uXolani.
Uziphikile izinsolo zokuthi uxoshwe ngoba ehlulwa ukulingisa, wathi ikusasa lakhe lisezandleni zababhali balo mdlalo.
Uthe okwamanje akazi noma kumele aqale afune omunye umsebenzi.
Ngokusho komthombo ongaphakathi kulo mdlalo, into eqhathe uXolani nabaqashi ukuthi uyehluleka ukukhuluma isiZulu kahle nokuthi abalandeli abaneme neze ngokulingisa kwakhe.
“Abantu besifazane bebemthanda ngenxa yobuhle bakhe kodwa abeneme ngomsebenzi wakhe, bashiye abangalazi ekhasini lalo mdlalo. Yize ezovela eyisipoki kodwa kuzoba isipoki sesikhashana. Uhlule ngisho oLeleti ezama ukumqeqesha,” kusho umthombo.
Okhulumela i-e.tv uMaki Mokome uphikile ukuthi uXolani bamxoshele ukuthi uhlulwa umsebenzi. Uthe okwenzeka kuye kungendlela umdlalo obhalwe ngayo.