KUVULEKE eminye iminyango entsheni yakuleli ebisanda kulahlekelwa yimisebenzi endimeni yokulingisa njengoba izobonakala emdlalweni omusha i-Obstruction kuMzansi Magic(161).
UGraig Nobela obelingisa emdlalweni uNikiwe osanda kuphela we-e.tv noLerato Mokoka yena obelingisa emdlalweni Igomora bangabanye babalingisi abazobonakala belingisa phambili kulo mdlalo uma usuqala ngoMashi 18 ngo8 ebusuku.
Omunye obesekunesikhathi engabonakali ekulingiseni ozobonakala kulo mdlalo uThembsie Matu, owagcina ukubonakala emdlalweni iThe Queen.
Lo mdlalo ukhuluma ngentombazane esencane uZeno(Luyanda Zuma) oyintombazane enekhono emdlalweni webhola lezandla.
UShirley Adonisi obhekelele izinhlelo zakuleli kwaM-Net uveze ukuthi le ntombazane izobonakala ibhekana nezinto eziningi ezithinta ubudlelwane nabazali bayo, othisha, ontanga besilisa abazama ukumfaka kwezothando, izitha nabanye abantu asondelene nabo.
“Uma uqala lo mdlalo sohlangana noZano nonina uThandiwe (Bukamina Cebekhulu), oba nomuzwa wokuthi unina kungenzeka ukuthi wuyena oyisitha sakhe sokuthi aqhubeke nempilo njengoba engawuqondi umdlalo webhola lezandla, yena awuthandayo.
Lokhu kuba yiqiniso njengoba uThandiwe ethatha isinqumo sokukhipha indodakazi yakhe la efunda khona ayise kwesinye isikole endaweni engayazi lapho kumele iqale kabusha konke. Uma efika uyaqhubeka nokudlala lo mdlalo kodwa ufica intsha yakhona ingazi lutho ngomdlalo,” kusho uShirley.
Uthe umdlalo ukhuluma ngendaba ethinta intsha eningi yakuleli ebhekene nokufuna impumelelo kodwa ekhule emndenini enemibono ehlukene, kwenza izinto zibe nzima.
“Sithemba ukuthi umdlalo ngeke nje bagcine ngokuthi bawujabulele abantu kodwa uzoletha isifundo, sokuthi intsha ehlukene emiphakathini esiphila kuyo yini ebhekana nayo usuku nosuku,” kuchaza yena.
Abanye abalingisi athe bazobonakala emdlalweni kubalwa uMenzi Biyela, Nhlanhla Kunene, Thembsie Matu nabanye.