UMSUNGULI wamaBasadi in Music Awards, uHloni Modise-Matau, uthe imiklomelo yakulo nyaka iyona emikhulu kweseke bayenza phambili ngenxa yokuthi bathole imingenelo eminingi.
Le miklomelo ebungaza abesifazane abasemculweni, kuzoba ngokwesithathu ikhona ngo-Agasti, kulo nyaka.
UHloni ubekhuluma izolo ngesikhathi kwethulwa abaqokiwe kulo nyaka emcimbini obusakazwa kwiYoutube.
“Ngithanda ukuhalalisela bonke abaqokiwe. Ukuncintisana bekushube kakhulu. Sithole imingenelo engaphezu kuka-24 000 nokuyisibalo esikhulu kwesike sasithola phambilini. Lokhu kusho ukuthi abantu bayayithemba imiklomelo futhi nayo iyakhula,” kusho uHloni.
Ubonge abakhiphe oR2 bethumela amagama abafuna baqokwe.
Uthe kulo nyaka bavulele nokuthi abakwamanye amazwe ase-Afrika bakwazi ukuqokwa.
“Kuke kwaba nesikhathi lapho engike ngacabanga khona ukuthi ngeke size sifike eminyakeni emithathu kunale miklomelo”
Umcimbi wanonyaka uzokuba ngo-Agasti 10, kusukela ngo-8 ebusuku, eJoburg Theatre. Kuzoqala ngokuthi kwethulwe amaciko nezihambeli zedili lomculo, kukhaphethi obomvu kusuka ngo-5 ntambama kanti indikimba yanonyaka ithi, Girl in the Mirror: Our Reflection.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eWebtickets ngoR500.
U-Unathi Nkayi uzokhuza ibuya njengomphathi wohlelo. Ngonyaka odlule wangena esikhaleni sikaKhanyi Mbau owayemenyezelwe njengozoluphatha kodwa wabuye wahoxa.
Phakathi kwabaqokiwe eminxeni ehlukene kubalwa kubo umsakazi woKhozi FM uMroza Buthelezi, Lwah Ndlunkulu, DJ Happy Gal, DJ Zinhle, Makhadzi, Kelly Khumalo, umsakazi weMetro FM uMpumi Mlambo, Tyla nabanye abaningi.
Uhla oluphelele lwabaqokiwe lutholalaka ku-www.basadiinmusicawards.co.za