ABAKWA-e.tv sebememezele ukuthi ngeke usagxila ocansini kuphela umdlalo iBlack Door kodwa usuzothinta nezinto ezihlukene ezenzeka emphakathini.
Lo mdlalo oqale ukubonakala ngo-Ephreli abasunguli bawo okuyiBlack Brain kaMandla N, baveza ukuthi bafuna kube wumdlalo ogxile ocansini okuyinto engakaze ibonakale kuleli.
Ukuza kwalo mdlalo kwenza izinguquko njengoba umdlalo Imbewu usungena ngo-9 ebusuku iBlack Dooringene ngo-9.30, ngenxa yokuba nezithombe zocansi.
Abe-e.tv baveze ukuthi isiqephu sakusasa esizokhombisa umemulo kaNandi Mkhize, okuyindawo edlalwa wuSibonginkosi Tenza, kuzoba wukuqala kokushintsha emdlalweni.
“Sifuna ukugxila ezindabeni ezithinta abantu ngqo, ezifana nawo umcimbi womemulo. Njengoba sishintsha nje sifuna ukugxila kakhulu ezintweni ezithinta abantu emphakathini abaphila kuwona, ezifana nemindeni, uthando, izinto ezihlala zixoxwa ezinkundleni zokuxhumana namasiko,” kusho isitatimende abasithumele.
Baveze ukuthi isiqephu sakusasa, sizoveza umemulo kaNandi oseyitshitshi osefuna ukuya ocansini nesoka lakhe, uKhaya, okuyindawo edlalwa wuZamani Mbatha.
“Usewubheke ngabomvu umzuzu lapho uKhaya ezoba seduzane kwakhe aqede ngobuntombi bakhe. Usecelile nakubazali bakhe ukuthi bamnike ukhiye wokuthi abe ngowesifazane osekhulile. Abazali bakhe bazokwenza konke okusemandleni ukumenzela umcimbi osezingeni ongakaze ubonakale emphakathini waseMalahleni,” kuqhuba isitatimende.
Baveze ukuthi ababukeli okumele bakubheke emdlalweni wukuthi ingabe uKhaya uzowucela yini umshado kuNandi njengoba emula.