KULINDELEKE ukuthi lubuye nomethuli omusha oyedwa uhlelo losaziwayo i-Hotspot Selimathunzi obese kuphele isikhathi esingangonyaka lwanyamalala kwiSABC1.
Lolu hlelo oluzothulwa nguSiphesihle Vazi, Sparks noZanele Potelwa kulindeleke ukuthi luqale ngoLwesine ngo-6 ntambama kwiSABC1.
Kule sizini entsha abakwaSABC baveze ukuthi laba bobathathu bazohambela imicimbi ehlukene yosaziwayo.
“UZanele Potelwa ohlelweni uza nolwazi lwakhe lokuba nezinkulumongxoxo nosaziwayo ikakhulukazi uma kuziwa emicimbini yezindondo. USiphesihle Vazi yena akekho ongazi ukuthi uma kuziwa ekubhekeni imibono ngodaba olusuke luhamba phambili uma kukhulunywa nosaziwayo nabantu nje emphakathini ukuze babeke umbono yabo, yikho azoqhubeka akwenze ohlelweni. USparks ngothando analo lomdanso nomculo, uzoqhubeka abheke izingoma ezihamba phambili nemidanso okukhulunywa ngayo kakhulu ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uCaroline Phalakatshela wakaSABC.
Uthe iSelimathunzi lungolunye lwezinhlelo zosaziwayo olwaphela luhamba phambili ngokubukwa, namanje abangabazi ukuthi luzoqhubeka lapho.
“Esingafuni ukukwenza ukuthi njengoba selubuya, kube khona izinguquko ezinkulu ezizokwenza abantu bangasakwazi ukulujabulela. Kuzoba khona okusha kodwa sizoqhubeka nokudala abasazi ngakho nabakade bekujabulela ababukeli,” kuchaza yena.
Uthe esiqeshini sokuqala bazobonakala emcimbini wezindondo amaBasadi Music Awards, bahambele umcimbi wokukhangisa ngezimpahla zikasaziwayo u-Enhle Mbali emcimbini i-SA Fashion Week, bese beyivala emcimbini wezimoyo i-Royal Heritage Festival BMW.