ZIZA nobuso obusha kanjalo nezinkulumo ezingapheli ezinkundleni zokuxhumana izinhlelo ezinesasasa esiteshini uMzansi Magic (161) okukhona kuzo uMnakwethu, Nganele neDate My Family.
Lezi zinhlelo zikhuza ibuya phakathi nezinsuku kulesi siteshi ngenyanga ezayo.
UNomsa Philiso obhekelele izinhlelo zakuleli kwaMultichoice uveze ukuthi kuningi abakuguqulile kulezi zinhlelo ukuze abantu bazijabulele njengokungathi ziyaqala ukubonakala.
“Kuningi. Siyazi ukuthi abantu bazokujabulela ukuzwa ukuthi lezi zinhlelo zikhuza ibuya esiteshini sethu. Okujabulisa kakhulu ukuthi kukhona izinguquko esinzenzile kuzona zonke. Isizini yesine yohlelo uMnakwethu izokhonjiswa ngoLwesibili kusuka ngo-Ephreli 2 nezoqhubeka yethulwe uMusa Mseleku, esimaziyo ukuthi ungena khaxa kulolu hlelo lwesithembu naye okuyinto akuyo. Kanjalo azoqhubeka abanike izikhuthazo efanele futhi akhe ukubonisana phakathi kwabashadene abasuke ebavakashele ukuze kungabi bikho impi,” kuchaza uNomsa.
Uthe lolu hlelo luhlale lushiya abantu behlukene phakathi ngendlela abesilisa abaya ngayo kumakhosikazi abo beyocela ukuthatha omunye unkosikazi, nokuzoqhubeka kwenzeka kule sizini entsha.
“Ohlelweni iDate My Family nakhona kuzoba nezinguquko njengoba sizobona owesilisa obehlala eshayela imoto ehambisa abasuke besohlelweni emizini abaya kuyo, enza okunye okuthe xaxa. Ngeke nje esagcina ngokuthula kodwa umsebenzi wakhe mkhulu kule sizini. Isizini entsha yalo izoqala ngSonto ngo-6 ntambama, kusuka ngo-Ephreli 7. Ngo-Ephreli 10, kuzobuya uhlelo oluthi Nganele nala sizobona khona izithandani zihamba ibanga eziliqale ohlelweni oluthi Makoti, Are you the one? Sizobona khona ukuthi kuhamba kanjani manje njengoba bebheke esigabeni sokuthi babe omakoti,” kuchaza yena.