INDIKIMBA yombukiso wabalobi nonyaka izogxila ekubalulekeni komsebenzi wababhali bezincwadi, i-27th Time of the Writer Festival, ngoMashi 14- 27, e-The Centre for Creative Arts, eNyuvesi iKwaZulu-Natal.
Bangaphezu kuka-100 ababhali bezincwadi abazoba yingxenye yombukiso wezincwadi. Phakathi kwabalobi abazokhipha unyawo ngemisebenzi yabo kubalwa uZakes Mda, Justice Malala, Angela Makholwa, Gregory Maqoma nabanye.
Phakathi kwezinto ezizokwenziwa kuhlelwe nokuthi kwethulwe izincwadi ezintsha, kube nezingxoxo, nokucobelelana ngolwazi kanti abazohambela ifestival bazofunda okuningi kuyona.
Ifestiveli izoba bukhoma iphinde ikhonjiswe ngohlelo lwezobuchwepheshe e-Alliance Française eMorningside, eThekwini. Inhloso yalokho wukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyahlomula.
Ingqikithi nonyaka izogxila ekubuyekezeni imisebenzi edlule nokuvuselela.
UMarlyn Nsele, omunye wabagqugquzeli befestiveli uthe, njengoba iNingizimu Afrika ihlanganisa iminyaka engu-30 yakhululeka, kuzobhekwa iqhaza elibanjwe ngokubhalwa kwezincwadi ukuqinisekisa inkululeko.
Kwezinye izihloko kuzothintwa indaba yokubaluleka kokuzazi, ukuzigqaja ngokobulili nezinto ezithinta umphakathi. Kuzobhekwa nendaba yobugebengu nenkohlakalo ukuthi kusho ukuthini kuleli zwe eliphethwe ngaphansi kombuso wentando yeningi.
Okunye kukhona namaciko azokhombisa ngobuciko bokuzidweba emzimbeni.
Amathikithi efestiveli azodayiswa eWebtickets kanti inani lawo lizodalulwa uma eseqala ukudayiswa.
Abafisa ukubuka umbukiso bangabheka ekhasini leFacebook le-Time of the Writer, nakwi-Youtube yeCreative Arts kusuka ngoMashi-18-20.