IGADLA ngezintandokazi zabalingisi ifilimu iBlind Eye ekhuluma ngomkhonyovu wokudliwa kwemali yamathenda komasipala, evule umbukiso wamafilimu, iKwaZulu-Natal African Film Festival (KAFF), KwaMashu.
Le filimu, eshiye abantu bekhexile ngokuthinta isihloko esibucayi, ifolosa ngenkakha yomlingisi, uThembi Mtshali Jones, owayedlala indawo kaMaNdlovu kwiMbewu: The Seed noNoxolo Mathula woZalo. Kuyona kuphinde kugqame noSiyabonga Shibe odlala indawo ebalulekile.
Ishuthelwe eNanda njengoba iveza kakhulu indawo yaKwaNgcolosi esetshenzisiwe ukuveza okungahambi kahle komasipala.
UThembi uthe bekunzima ngesikhathi kwenziwa le filimu njengoba yashuthwa ngesikhathi seCovid-19 kodwa okwamjabulisa ukuthi ikhuluma ngqo ngezinto ezithinta abantu baseNingizimu Afrika. Okunye okuphinde kwavela ukuthi ngesikhathi ishuthwa, kuze kwaphela nemali kwalekelela iKwaZulu-Natal Film Commission.
UNoxolo uthe kuyena okube yinselelo kube wukulingisa indawo yowesifazane osebenza ehhovisi lomcwaningi mabhuku obekumele abe ngumuntu ozithobile kanti yena ungumuntu oziphaphele futhi uhlala elingisa izindawo ezihambisana nayikona.
Umqondisi wayo, uMenga Nhlanathu, uthe ngaphambi kokuthi ishuthwe kwakumele baphumele obala basho ukuthi bashutha ifilimu yalolu hlobo kwazise bathinte isihloko abantu abangakhulumi ngaso bavuleleke.
Ifilimu ikhuluma ngokudliwa kwemali yamathenda kamasipala yinkampani eyodwa ephethwe ngowesifazane kodwa osebenzisana nabesilisa. Kuyona kuvela ukuthi awukho nowodwa umsebenzi owenziwayo kodwa kudliwa izigidi zemali kungasetshenziwe. Umasipala kugcina sekuvela sengathi uphethwe nguyena lo wesifazane odla amathenda futhi ufumbathisa wonke umuntu imali, ukumvala umlomo. Onenkani uyadutshulwa, kuze kuthengwe nomcwaningi mabhuku uqobo naye ogcina engasawenzisisi kahle umsebenzi wakhe ngenxa yokufumbathiswa.
Iphele lapho wonke umuntu ezitshela ukuthi uZandile (Noxolo Mathula), osehhovisi lomcwaningi mabhuku, uzobulawa kodwa kwavela ukuthi usenikwe umsebenzi kwenye indawo.
UMenga uthe le filimu ayiphelile kodwa izoqhubeka ngezayo abayishuthayo, okuyiyona ezocacisa ngokuzokwenzeka.
U-Edmund Mhlongo, ongumphathi weKCAP, uthe njengoba bake baveza ngokwenza amafilimu opopayi kulesi sikhungo, bamatasa nalowo msebenzi bafuna ukuveza sebephothule konke.
Abanye osaziwayo abebeyingxenye yombukiso yi-Afrosoul, evule umcimbi ngengoma, uZawadi Yamungu, noVelile Makhoba.
Umbukiso uzovalwa ngeSonto kanti kulo nyaka kugujwa iminyaka engu-20 wasungulwa.