INGWAZI yemidlalo yeshashalazi edume umhlaba wonke, uDkt Mbongeni Ngema, seyiqhamuke nonqambothi lomsebenzi olukuthatha likubeke ngomculo wesicathamiya.
UNgema wodumo lweSarafina ne-Asinamali, udidiyele umdlalo osihloko sithi Imbube, ngokubambisana nenkakha yomculo we-jazz, uThemba Mkhize.
Imbube ikhonjiswa ePlayhouse Drama Theatre, eThekwini ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku nangoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UNgema uthe lo mdlalo wabo omusha ukhuluma ngomculi oseyivukane othungatha uyise angamazi ukuthi walibhekisa kuziphi izinkalo.
"Lo mfana ogama lakhe nguJabulani uhlala nonina, uNomasonto, oyisisebenzi sasendlini sikaNkk Smith, eBerea, eThekwini. UNkk Smith unguthisha womculo oqeqesha izingane ezimhlophe ezindaweni ezingomakhelwane walapho ehlala khona, umangazwa yikhono likaJabulani lokukwazi ukufunda umculo ngokuwulalela, ngale kokuthi aze awufunde."
UNgema uthe ngokushesha, uNkk Smith ugcina efukula uJabulani ngolwazi lomculo ngoba ebona ukuthi uzogcina esewumculi ohlonishwayo ophuma esandleni sakhe.
UMkhize uthe uthando lomculo kuJabulani limholela ekufuneni ukwazi kabanzi ngomculo wendabuko wabantu bakubo.
"Uyaqala ukuchitha isikhathi nomalume wakhe, okunguyena kuphela umuntu wesilisa omdala amfanisa noyise empilweni yakhe.
“Ubuye avakashele uninakhulu ohlala eNanda, lapho ezwa khona okokuqala ngqa umculo omchazayo waseZayoni nowebandla lakwaShembe," kuphawula uMkhize oseke wasebenza nezingqungqulu zomculo ezinjengeBayethe, Sakhile, Jonas Gwangwa, Hugh Masekela, Letta Mbulu, Miriam Makeba nabanye abaningi.
Eqhuba, uNgema uthe uJabulani uvakashela umholi weqembu lesicathamiya ohlala ehostela laseDalton, eThekwini, owayengumngani omkhulu kayise.
"Yilapho ethola kabanzi ngomsuka wesicathamiya nangezingqalabutho ezinjengoSolomon Linda Nsele noBen Mwandla abaqamba ngokuhlanganyela noyise kaJabulani ingoma engasoze yabuna ethi iMbube ngeminyaka yo-1930. Yilapho-ke uJabulani egcina esehamba ezinyathelweni zikayise futhi esephenduka intandokazi emculweni wesicathamiya," kusho uNgema.
Seziphetha lezi zihlabani zinxuse abantu baseKZN ukuba bafike ngobuningi babo bezobona lo mdlalo ohlabahlosile weshashalazi.
*Amathikithi okubukela Imbube atholakala eWebtickets ngoR120.