IMBONGI uScelo "Celow" Mpungose, izofihlwa emathuneni asekhaya emuva kwenkonzo ezobanjelwa ehholo lomphakathi waseMpophomeni, ngaseHowick, ngoMgqibelo.
Lesi simemezelo senziwe wumndeni wakwaMpungose ngoLwesibili.
"Sithanda ukubonga wonke umuntu ngamazwi enduduzo noxhaso enisinikeze lona. Yize kungeke kuqede ubuhlungu esibuzwayo kodwa kusho lukhulu kithi ukwazi ukuthi sinabantu abaningi abasifisela okuhle kodwa."
Mayelana nokuthi kufinyelelwa kanjani ehholo, isitatimende sithe uyosuka egaraji laseSasol (KwaMageza) bese uhamba uqonda sengathi ubheke erenki yamatekisi. "Ihholo lingakwesokunxele sakho.“
Izindaba zokushona kukaScelo zivele ngeSonto ekuseni, kanti ziqinisekiswe wumnewabo, uSiyabonga Mpungose wodumo oKhozini.
“UScelo Mpungose uvelelwe yingozi ngezikhathi zo-8.20 ekuseni kuN3 ngaseLiberty Midlands Mall (eMgungundlovu). Imoto ishelelile kwazise umgwaqo ubumanzi, wahluleka ukuyilawula. Yaphaphalaza, yagudla unqenqema."
USiyabonga uthe abosizo oluphuthumayo namaphoyisa bazame konke okusemandleni ukusindisa impilo kaScelo "kodwa kwanqaba khona, wadlula emhlabeni eqeda kufika esibhedlela. Emotweni ubehamba yedwa kwazise ubeya emsebenzini." Ephetha uSiyabonga uthe mayelana nemininingwane eminye yokumfihla, basazohlangana njengomndeni bese bephuma nesinqumo.
Ngaphambi kokuba adlule emhlabeni, uScelo uke wadalula ukuthi uke wahlaselwa yizigebengu lapho ebehlala khona maqede zathatha yonke impahla endlini ngesikhathi kusahambe ugesi ezinsukwini.
UScelo udume kakhulu ehaya noSiyabonga inkondlo eyayikhuluma ngomdlalo wethelevishini iGenerations. Kwababhonge emswanini kubalwa imbongi abuye wasebenza nayo, uGubhela, umculi wokholo, uJumbo nomlingisi weSibaya, uSbo Da Poet.