ITHENGWA ubuthaphuthaphu incwadi yesilomo somsakazi nomethuli wezinhlelo, uMacG wohlelo lwakwiYouTube oluhamba phambili ngababukeli abaningi ezweni, i-Podcast and Chill.
Izindaba zencwadi entsha kaMacG zethulwe wuyena okokuqala ohlelweni lwakhe ngesonto elidlule, lapho eveze khona ukuthi usizwe wumbhali owaziwayo nosebhale izincwadi ezidayise ubuthaphuthaphu ezweni, uNikolaos Kirkinis.
Ohlelweni, uMacG noNikolaos bazise abantu ukuthi sekuvuliwe ukufaka ama-oda encwadi ethi Uncancellable: The Incredible Rise of MacG, ezoqala ukutholakala ezitolo ngenyanga ezayo.
Engxoxweni neSolezwe, uNikolaos udalule ukuthi sebedayise amakhophi angaphezu kuka-2 000, okukhombisa ukuthi abantu bayibheke ngabomvu incwadi.
“’Lokhu kusijabulise kakhulu futhi kwenza sikholwe wukuthi abantu bakulindele ngabomvu ukuthola ukuthi le ncwadi iqukethe ini, futhi asikungabazi ukuthi kuningi abazokufunda kuyona ngempilo kaMacG, nokuthi ufike kanjani lapho ekhona manje,” usho kanje.
Enaba ngokuqukethwe yincwadi, uNikolaos uthe izohluba udlubu ekhasini ngokuthi uMacG ubhekane kanjani nobunzima bokuzondwa ngabantu abathile ngenxa yemibono yakhe, nokuthi ukuqala i-podcast ngo-2018 kumphumelelise kanjani empilweni.
“Kuzovela nokutni ubambe iqhaza elingakanani ukuguqula indlela ebijwayelekile yokwenza izinto kule ndima, igqamise nokuthi ukhuthaze amaciko asemasha angakanani ukuzimela nokusebenzisa amakhono awo ukuziphilisa,” kusho uNikolaos.
Uveze nokuthi kuthathe iminyaka emithathu ukuhlanganisa le ncwadi kusukela ngo-2021 bevumelana ukuyibhala noMacG, wucwacingo alwenzile ngayo kubalwa ukubuka iziqephu zonke ze-Podcact and Chill, kusuka iqala kuze kube yimanje.
UNikolaos uqale eyintatheli kwezokubhala. Waziwa ngokubhala izincwadi zabadlali bebhola, i-The Curse of Teko Modise yango-2017, Strike A Rock: The Thembi Kgatlana Story yango-2022 neGheto Ninja: The Junior Khanye Story yango-2022.