IGCAGCELE esokeni kumlingisi wodumo kuMkhokha: The Curse, uDeli Malinga, njengoba lugcine luphumelele uhambo lwakhe lwaseGhana, lapho eqokwe khona kumaLadies In Media Awards.
Uthe utakulwe yiKZN Tourism and Film Authority kanye nabangani abayisikhombisa abathole ezinkundleni zokuxhumana. UDeli, oqokwe emkhakheni we-Afrian Female Actor of the Year, uthe uzoqale ahambele umbuthano wabesifazane ababambe iqhaza emithonjeni yezindaba ngoMashi 28.
"Bengingacabangi ukuthi lolu hambo luzoba yimpumelelo. Enikwenze kumina nikwenze nakwabanye."
Uthe usizwe ukuphumela obala azindlale ngevidiyo, acele umnikelo ezinkundleni zokuxhumana. Eqhuba uthe akubanga lula ngoba abanye abantu abaphathekanga kahle kangangoba baze basola ukuthi uyabaqola.
"Ngikhumbula kahle ngithola i-email emayelana nokuqokwa kwami. Ngabuza umphathi wami ukuthi akangibhekele ukuthi ayiveli yini kumaqola nokuthi yini edingekayo ukuze ngifinyelele khona. Impendulo yakhe yaqonda yathi iwungqo kodwa zonke izindleko zizothwalwa yimi."
Uthe nakuba izihlathi zazivakashela amadlebe kodwa wavele wazitshela ukuthi akabeke phansi igazi ngoba akazokuya kulo mcimbi.
"Okokuqala, wawuseseduze futhi ngingawuhlelele ngalutho njengoba ngangigcine ukusebenza ngo-Okthoba 2024. Amasenti engangiwongile ayezongiqhuba ngize ngithole omunye umsebenzi."
UDeli uthe ubonga kakhulu abamxhasile kanye nalabo ebebezitshela ukuthi uyabaqola ekubeni eyomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano wezindondo.
Lo mqhudelwano obophele izintokazi zamazwe ngamazwe uzobanjelwa edolobheni, i-Accra ngeSonto.