KUBUKEKA sisethubeni elihle lokubuyisa isicoco sohlelo iBig Brother Mzansi isifundazwe saKwaZulu-Natal, njengoba insizwa esimele uMc Junior Zondi engomunye wabasethubeni lokukhala emuke nesicoco salo nyaka ngeSonto.
Ngemuva kwamasonto ayishumi kwangena intsha engu-23 endlini kaBig Brother, ngeSonto oyedwa kwabayisithupha abasele kulindeleke akhale amuke nemali engu-R2 million.
Kwabakhona endlini manje kubalwa yena uMc Junior, Makhekhe, Zintle, Mpumi, Sinaye noPapa Ghost.
Izimfivilithi kubalandeli balolu hlelo kubukeka kuwuMakhekhe noMc Junior.
UPortia Hlongwane weMzansi Magic uthe konke sekumi ngomumo ngokugoqwa kwalolu hlelo.
“Sinxusa abantu ukuthi bavote njengoba kuvalwa namhlanje ukuvotela ozothatha isicoco salo nyaka. Kuzothi khona namhlanje simemezele bonke abaculi abazonandisa emcimbini wokugcina,” kusho uPortia.
Umculi kamaskandi uNtencane ungomunye wamaciko aphumele obala wanxusa ukuthi kuvotelwe uMc Junior.
Uthe njengoba yena nekhwaya yakhe bebesanda kudla umhlanganiso ohlelweni iClash of the Choirs kukhona imali eyasala kuMzansi Magic nokuyiyona okumele ibuye noMc Junior.
UMc Junior esontweni lokuqala ozakwabo endlini bamvotela ukuthi aphume kodwa uNeo wamsiza ekutheni angaphumi.
Ngemuva kwalokho waqala waba nogazi kubabukeli ngendlela ayekhuluma ngayo ulimi lwesingisi, ubuhlakani bakhe obaholela ekutheni awine imidlalo eminingi endlini kaBig Brother.
Ukuziphatha kwakhe endlini kumenzele abalandeli abaningi abazinikele ekutheni bamvotele isonto nesonto akangaphuma.
UMakhekhe ngomunye okubukeka sengathi angase athathe lesi sicoco njengoba ethinte abaningi eveza izindaba zokuthi noma angathola engakanani imali kulolu hlelo, ingashintsha impilo yakhe.
Lokhu kuthinte izinhliziyo zabaningi abavele bakhetha ukuyivotela le nsizwa eqhamuka eJohannesburg.
Ukuthatha kukaMc Junior isicoco kungalandela uKhosi Twala othathe esohlelo iBig Brother Titans ngonyaka odlule.