‘BAYEDE Dawg!’
Kusuke igidigidi ezinkundleni zokuxhumana abanye bephawula kanje ngemuva kokubona Indlulamithi yamakhosi uMisuzulu KaZwelithini ishaye uswenko yaze yawuphelelisa ngekepisi ilibhekise eceleni mbijana.
ISilo besingxenye yemashi yokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ebiseThekwini, ngoLwesihlanu.
Besishaye amateku, ibhulukwe i-jogger, isikhibha, umgexo obenyezelayo endabeni nezibuko ezidimile.
“Yayinhle iNkosi yethu, ngiyathanda,” kusho uHammy Bongar Mkhize Jama, ephawula esithombeni seSilo esifakwe ekhasini leSolezwe.
“Bayede dawg! Bayede my n*gga!” kubhala uDa B Hlubi.
UMamthiya Mavungama Lamie uthe: “Cha kodwa kumele ahlale ezazi ukuthi akafani nathi, agqoke ngendlela esizohlezi simhlonipha ngayo. Uma esekhaya-ke noma evakasha usengaba-ke i n*gga.”
Isazi samasiko uSolwazi, Jabulani Maphalala, sithe akukho ongathi uhlulela Indlulamithi ngakho.
“Ngibona ngathi senzela (iSilo) ukwamukelwa kubo bonke abantu, sibe yinkosi ethanda abantu. Ingaqheli ngenxa yezembatho zayo,” kusho uMaphalala.
“Awukho umfanisiselwano owake waba khona. Okuhle kuyo Indlulamithi wukuthi iyavunula phela uma sekufanele kuvunulwe. Indlulamithi isavunula bese ifaka lokhu ke. Kubalulekile ukuthi iNgonyama izifanise nabantu, ihehe nentsha iyithande le nto. Akukubi futhi akukho siko elwephulile,” usho kanjena.
Uthe kusuka kudala iziNgonyama zaphambilini zazigqoka ngendlela ezithanda ngayo. Uthe uMdlokombane wayeshaya isudi yamasosha ase-England, kwaba khona abakhalayo bethi kungcono uma evunula.
“Wavunula kanye wabuyela futhi kweyase-England sabona ukuthi uyayithanda. Uhambe emhlabeni eyithanda kakhulu. Sonke sasithi, ‘hawu kwenzeka kanjani angaziboni njengeNkosi yamaZulu ngoba uyise uBhekuzulu wayembatha kodwa engayishayi eyamaNgisi kusuka phansi kuya phezulu’. Wayefaka noma isigqoko obonayo ukuthi esabelungu futhi obonayo ukuthi uyasithanda kodwa wayevunula ephatha nehawu elikhulu.”
Uqhube wathi iSilo uSolomon sasingafuni nakuyibona into ethi skhumba.
“Uma usuka kuSolomon uya kuDinuzulu, yena wayethanda izingubo azifake impela futhi bamnika ezingcono eziseqophelweni, wasekwa. Engikuthanda ngayo iNgonyama uDinuzulu ukuthi yayivunula futhi ibathanda abantu namahubo esiZulu iwahuba. INgonyaka uCetshwayo yayivunula impela kodwa uma ivakashela e-England ngo-Agasti 1882, bayinika izingubo eziphambili yazifaka,” kusho uMaphalala.