INHLANGANO yezokusakaza yakwaSABC isikuqinisekisile ukuthi imumisile u-Ayanda Msweli ukuthi azwakale emsakazweni Ukhozi FM.
Izolo Isolezwe libike ukuthi uMsweli umisiwe kulo msakazo ngoLwesithathu ngemuva kokubizwa izikhathi eziningi abaphathi befuna ukukhuluma naye ngezinto ezithinta umsebenzi wakhe.
UGugu Ntuli okhulumela iSABC, uveze ukuthi uMsweli akaxoshiwe kodwa umisiwe ukuthi azwakale ebika ngokwenzeka emgwaqweni kulo msakazo.
“Siyakuqinisekisa ukuthi umisiwe akaxoshiwe nesingeke sisho ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi angezwakali emoyeni. Lena ke indaba ephakathi komqashi nomsebenzi, iSABC ngeke inabe ukuthi kwenzekeni ukuze kufike la indaba isikhona manje,” kuchaza uGugu.
UMsweli kuvele ukuthi bese kunesikhathi abaphathi bomsakazo befuna ukuhlangana naye ngoba kunezinto abanganeme ngazo ngaye kodwa ebachitha.
Ethintwa Isolezwe uMsweli ngalolu daba, wathi akalwazi udaba okukhulunywa ngalo ngoba ubengakezwa lutho.
Abalandeli balo msakazo baveze ukungajabuli ngesinqumo soKhozi sokumisa uMsweli.
UBabongile KaGuluva Zungu uthe “Wenze kahle noma bangamxosha ngeke impilo yakhe ime, bafuna ukumlawula”.
UJuliet Nonia Nyathi uthe “Akenimbuyiseni emoyeni ubaba uMsweli. Ezemigwaqo ngeke ziphinde zifane ingekho ingwenya”.