ISITESHI i-1Magic sithi ngeke siwadalule manje amagama abesifazane abahlanu abajoyine uhlelo olukhombisa ngempilo yabo ephezulu, iThe Real Housewives of Johannesburg.
Lolu hlelo oluqale ngonyaka odlule lukhonjiswa ku-1Magic ku-channel 103.
Kulona kubonakala abesifazane baseGoli, abakhombisa ngempilo yabo ephezulu nabagqamisa indlela abaziphilisa ngayo ukuthi basuka kuphi kuze kufike lapho bekhona manje.
NgoLwesihlanu omunye walaba besifazane, u-Evodia Mogase, uveze ukuthi ngeke abe yingxenye yale sizini entsha yesibili okulindeleke ukuthi iqale maduzane.
Enkundleni yokuxhumana i-Instagram u-Evodia uveze ukuthi bekumele amemezele izindaba zokushiya kulolu hlelo.
“Ngiyabonga uxhaso engiluthole kubantu bakuleli ngesikhathi ngiyingxenye yalolu hlelo. Ngibe nenjabulo enkulu ngiyingxenye yalolu hlelo futhi ngiyohlale nginezinkumbulo ezinkulu engibe nazo,” kuchaza u-Evodia.
U-Irvin Pooe we-1Magic uthe ziningi izinguquko kulolu hlelo ezizobonakala.
“Isizini entsha izoqala
ngo-Okthoba kuyona okuzobonakala okuningi okuhlukile. Kukhona ubuso obusha babesifazane abazokhombisa ngempilo yabo futhi abazothakaselwa yiningi,” kusho u-Irvin.
Kulolu hlelo bekukhona u-Evodia nendodakazi yakhe uMercy Mogase, uBrinnete Seopela, Busisiwe Ter Mors noNaledi Willers.