UMDLALO wethelevishini osakazwa kwi-e tv, Isitha The Enemy, uhlabane ngofishi omkhulu njengoba sewujoyinwe wumlingisi oyintandokazi kulezi zinsuku, USenzokuhle "Senzo" Radebe.
Lo mlingisi, ozakhele ugazi ngokulingisa indawo yeNkosi uSenzangakhona kwiShaka Ilembe, uzodlala indawo kaSolomzi Gumede.
Lezi zindaba ziqinisekiswe okhulumela i-e.tv, u-Onkgopotse Baloi. Uthe uSolomzi uzokwethulwa emndenini wakwaSokhulu njengendodana kaBra Solly (okuyindawo elingiswa wuBheki Sibiya), efikele ukuzogcizelela isifiso sikayise sokungcwatshwa eSihlahleni ukuze abe seduze nesithandwa sakhe, uNomsa (okunguVelephi Khumalo).
"Esanda kufika nje, uSolomzi uzithola esezifela ngothando lwenye intokazi. Ngebhadi akazi ukuthi le ntokazi enguNandi (Sbonginkosi Ntenza), iwunkosikazi womfowabo (okuyindawo elingiswa wuZamani Mbatha).
Uyaqhubeka nokweshela uNandi kodwa uthi eqamba ethola ukuthi uNandi ushade nobani, kusuke sekubhedile. Uthando abanalo lusuke lungasabavumeli ukuba bahlukane."
U-Onkgopotse uthe okunye okuzovela ukuthi uSolomzi ubazi ukuthi unina washona kudala kodwa uzothola iqiniso ngaye. Uthe nakuba uSolomzi ezokwaziwa njengomzalwane kodwa uzobe eyinkunzimalanga yesigebengu.
"Indawo kaSolomzi izobanga ukushisa kulo mdlalo futhi sijabule kakhulu ngekhono lakhe. Uzoqala ukubonakala ngoJanuwari 22," kuphetha u-Onkgopotse.