UMCULI wekwaito owaduma esayilungu leBoom Shaka, uThembi Seete, uthi kumvove inkani ukulingisa iziqephu zokuya ocansini. Uthi selokhu aqala ukulingisa akakaze ‘enze ucansi’ ngale ndlela ekulingiseni.
Umlingisi ungomunye wabahamba phambili emdlalweni i-Adulting edlala kwiShowmax. Yingakho ethi ababukeli bazobona uhlangothi abangakaze balubone ngaye.
UThembi (46), uthe ubezitshela ukuthi usekhulile ekulingiseni kanti kucacile ukuthi ubezikhohlisa. "Iziqephu zocansi engike ngalingisa kuzo azikaze zibe nje! Empeleni bekungathi ngiyaqala ngqa ukulingisa futhi yilokho okuhle ngokulingisa."
Uthe ziningi izinto abeqala ukuzenza emdlalweni oyisizini yesibili kodwa wathi ubonga uzakwabo uLuthando BU Mthembu, onguVuyani, ngokumcathulisa.
Ulingisa indawo kaPortia, uthe zikhona zikhathi lapho engaphathekanga khona kahle. "Kodwa ngiyakuthanda ukungakhululeki."
Echaza indawo kaPortia ayilingisayo, uThembi uthe ngumuntu wesifazane oshadile, onomuzi nomndeni azifelayo ngawo.
"Kodwa njengoba sazi, thina njengabantu besifazane, akusenelisi ukutotoswa kuphela. Sifuna ukunakekelwa, ukuthandwa nomuntu ozobuya ekhaya athi 'bengikukhumbule.' Yile ngxenye yempatho eshodayo empilweni yakhe."
Umyeni kaPortia ugcine esengena ezintweni eziningi futhi engasahambisi kahle ekhaya.
"Yilapho uPortia ezizwa khona ukuthi 'ngiwumuntu wesifazane futhi nginezidingo.' Yilapho ethatha khona isinqumo, 'ngizolawula impilo yami, injabulo yami nezidingo zami.' Uhamba ethungatha lokho ashoda ngakho empilweni bese ekuthola. Okuhle ukuthi, uyakukhokhela futhi akujabulele."
Ebuzwa ukuthi indawo kaPortia ihluke ngani ezindaweni aseke wazilingisa kweminye imidlalo, uThembi uthe akakaze wadlala indawo yomuntu wesifazane oyimpunyela, ototoswayo nongus'tshuzi mi’.
"Bekuhlale kungowesifazane waselokishini futhi ngiyakholelwa ekutheni uPortia udabuka elokishini ngoba ngifika nobulokishi. Yileyo ngxenye engicabanga ukuthi le ndawo iqhamuka nokusha."
Uthe okumenze wavuma ukulingisa ukuthi okokuqala, ubehlale ekulangazelele ukusebenza ngaphansi kweTshedza Pictures futhi uyakholelwa ukuthi bakhipha ubhozo uma bexoxa indaba.
"Uyafika lowo mzuzu empilweni lapho ukhathala ukulingisa indawo engakuphonseli inselelo. Ufuna ezokuveza elinye ikhono futhi ikumangaze. Ngiyakuthanda ukuzimangaza mina uqobo, nokungahlali nginethezeka."
UThembi uthe uyazi ukuthi kunabantu abamazi engumuntu ozihloniphayo noyisibonelo esihle, abazoshaqeka uma sebembona egila imikhuba.
"Kungani sisaba ukukhuluma ngocansi? Kungani sisaba ukukhuluma ngokuwotawotana. Ngicabanga ukuthi lento isuka kubazali ngoba bebengakuthandisisi ukukhuluma ngokukhululeka nathi ngocansi. Kodwa yinto okumele iphathwe ngenhlonipho."
UThembi useke walingisa kwiGomora, Gaz'lam, Yizo Yizo neZone14. Wake wethula uhlelo lomdanso, iJika Majika.