SESIFIKILE leso sikhathi la sike sibheke emuva sibuke konke okusehlele enyakeni kusuka uqala kuze kube uyophethwa.
Lo nyaka ube ngomunye othathe amaciko nosopolitiki abahlukene nabashiye esikhulu isikhala emikhakheni abakuyo kanjalo nobuhlungu bezinhliziyo emindenini yabo nakubalandeli.
Lo nyaka siwuvule ngesigameko esishaqise hhayi abakuleli kuphela kodwa nase-Afrika yonkana yaba undabamlonyeni, indaba yokudlula komrepha uKiernan Forbes obaziwa ngelika-AKA.
U-AKA udutshulwe ngoFebhuwari nomngani wakhe, uTebello Tibz Motsoane, emgwaqeni uFlorida eThekwini.
Kusabatshazwa indaba ka-AKA, akuphelanga zinyanga ezingaki kwalandela umculi, uCosta Titch, odlule emhlabeni ngoMashi ngemuva kokuwa esiteji enandisa.
UMashi kube yinyanga enzima kakhulu njengoba kudlule emhlabeni amaciko amaningi.
Umpheki waseThekwini, uLentshwe Bhengu, naye udlule ngale nyanga ngemuva kokugula isikhathi esifushane.
ULentswe ubesezakhele igama kuleli njengoba ebebonakala ezinhlelweni zethelevishini ezihlukene okukhona kuzo iThe Great SA Bake Off, KFC Taste Kitchen, Cheeky Palate neCelebrity Mystery Box.
Ngayo le nyanga inkakha emculweni weJazz, uGloria Bosman, naye kwavela ukuthi udlulile emhlabeni ngemuva kokugula isikhashana.
Umsakazi wesiteshi saseGoli, iHot 102.7, owavezela abantu abaningi isimo sakhe eqala ehlaselwa yisifo somdlavuza enkundleni yokuxhumana uX, uMark Pilgrim, naye wadlula emhlabeni ngemuva kokugula isikhathi eside.
Kwathi kusenjalo kwavela izindaba zokudlula emhlabeni kwentatheli esimnkantshubomvu, u-Eusebius McKaiser, owagula isigubhukane.
Umkhakha wezokulingisa nawo washayeka kakhulu ngale nyanga njengoba inkakha ekulingiseni, uPatrick Ndlovu, washona ngemuva kokugula isikhathi eside.
UPatrick waqala ukuzakhela igama emidlalweni okukhona kuyo iSarafina neShaka Zulu.
Wabonakala nasemidlalweni okukhona kuyo iYizo Yizo, Zone 14 kanjalo nasemafilimini okubalwa kuwo iJump the Gun, Knuckle City neRhodes.
Kuthe ngoJune iqembu eibusayo, i-ANC, lalahlekelwa yilungu lalo ebelisephalamende, uTina Joemat-Pettersson.
Kwavela izindaba zokuthi uJoemat-Pettersson uthathe impilo yakhe ngemuva kokuvela kwegama lakhe embikweni othinta inkohlakalo.
NgoJulayi iphephandaba Isolezwe lilahlekelwe yintatheli yalo ebithatha izithombe, uBongani Mbatha, owahlaselwa wadutshulwa ngabantu abangaziwa ekubo eHammarsdale.
Namanje ubulungiswa ngokuhamba kukaMbatha busabhekwe ngabomvu ngozakwabo nomndeni wakhe.
Uphrojusa owaba nesandla ekukhiqizeni imidlalo ehlukene kwiBomb Productions, uTeboho Mahlatsi, wadlula emhlabeni ngemuva kokuhlaselwa yisifo somdlavuza.
NgoSepthemba Inkatha Freedom Party (IFP) yashonelwa ilanga kuvela izindaba zokudlula emhlabeni komsunguli wayo, iNkosi yesizwe saKwaButhelezi, uMangosuthu.
UMntwana wadlula emhlabeni ngemuva kokuhlala esibhedlela isikhathi eside ebanjwe ukugula.
NgoNovemba kwashaqeka abaningi kuvela izindaba zokudlula emhlabeni komdlali waMazulu FC, uBongi Ntuli.
Ngayo leyo nyanga kwalandela umlingisi owazakhela ugazi emdlalweni iDiepcity, uLebohang Mpyana, obaziwa ngoKhelina kulo mdlalo.
Umsakazo Ukhozi FM ugqemeke engeqiwa ntwala ngoNovemba njengoba kudlule emhlabeni umsakazi wezemidlalo nezenkolo, u-Irvin Sihlophe, ngemuva kokugula isikhashana.
UDisemba uqale kabuhlungu emkhakheni wezinkondlo njengoba kudlule emhlabeni ngokulandelana osonkondlo, uScelo Mpungose, owashona engozini yemoto, noMxolisi Mtshali yena odlule ngemuva kokugula isikhashana.
Ngempelasonto edlule bekufihlwa umculi uZahara oshone ngemuva kokugula isikhashana nokuvele ukuthi ubenenkinga yesibindi.
KUTHINTE izinhlaka ezehlukene ukudlula emhlabeni kweciko lakuleli ebeselizakhele igama ngisho emazweni aphesheya kwezilwandle uMbongeni Ngema (68).
UMbongeni, owazalelwa eVerulam eThekwini, kuvele izindaba zokuthi udlule emhlabeni engozini yemoto eyenzeke ngoLwesithathu, ntambama ephuma emngcwabeni eLusikisiki.
Kuthe kusabatshazwa indaba kaMadlokovu, lwashona olwangoLwesihlanu kuqhuma isililo eGauteng umndeni wakwa-August Kuqinisekisa izindaba zokudlula emhlabeni komsakazi woMhlobo Wenene uKCi Mthobeli August. Kuthiwa lo msakazi utholwe edindilizele emzini wakhe oseGoli.