NGESIKHATHI umlingisi waseSoweto, uNobuhle Mimi Mahlasela edlala indawo ka-Aggie Ngwenya-Meintjies kwi-7de Laan, ababukeli bebezitshela ukuthi konke kuhamba kahle empilweni yakhe.
Akekho obecabanga ukuthi le ndawo ebilingiswa wuMimi beyidlala indawo esemqoka kakhulu empilweni yakhe ngoba igqiba ubuhlungu obumqaqambela enhliziyweni yakhe.
Ekhuluma kwi-Upside of Failure with ku-702, uMimi (42) uthe into emkhathaza kakhulu emoyeni nasengqondweni ukwehluleka ukuthola abantwana.
Uthe useyenze yonke imizamo ukuze akhulelwe kodwa kuyenqaba.
"Sengiyenze yonke imizamo engiyaziyo, ngokuya kodokotela kodwa sekufike lapho ngikhathala khona ukuzama nanoma yini okufanele ngiyizame. Emoyeni nasengqondweni sengikhathele," kusho uNobuhle.
Echiphiza izinyembezi, uMimi uthe akuvumi amukele ukuthi ngeke abe nangane.
Uthe kona isimo sizogcina sibuyele kwesejwayelekile kodwa uzwa sengathi lo wumthwalo ongafuni ukuphunguka.
"Kusebuhlungu ukukhohlwa yilokho. Ezinye izinsuku zibangcono kunezinye.
“Ekugcineni ngiyethemba ukuthi ngelinye ilanga ngizokuba sendaweni engcono lapho engingeke ngiphinde ngizizwe ngendlela engizizwa ngayo njengamanje," kusho yena.
Uthe okwamanje kusamzwisa ubuhlungu ukwazi ukuthi akabatholi abantwana.
Eqhuba uthe ukulingisa indawo ka-Aggie bekumenza akwazi ukukhohlwa yilobu buhlungu kodwa njengoba esamile ekulingiseni, kunzima ngempela empilweni yakhe.