UMLINGISI omusha woMkhokha, uWandile Skwata, uthi ababukeli balo mdlalo abakaboni lutho ngoNdoda Gumede, okuyindawo ayilingisayo.
UWandile (25) uthe akazile ukuzosinisa amahleza kulo mdlalo kodwa uzofaka ukushisa. Yize esevele kaningi kodwa uWandile uthe namanje akakakholwa ukuthi useyingxenye yalo mdlalo osematheni kulezi zinsuku. UWandile ulingisa indawo yendodana eyisosha kaMaMzobe noGumede.
Ubonge kakhulu inkampani yomdidiyeli womdanso wamanje, iMhayise Productions kaMusa Hlatshwayo, ngokuvumbulula nokucija ikhono lakhe ekulingiseni ngoba yena ukhule engumhayi wezinkondlo.
Ebuzwa ukuthi uzizwe kanjani ngesikhathi ethola izindaba zokuthi usezolingisa kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku, uthe
"Kwaba enye into ukuba sendaweni yokuqopha, sengizoqala ukushutha kodwa ukuzibona kwithelevishini okunye. Yebo kwakunzima ukuthi ngikuthokozele ngokugcwele ngoba novalo lwaluhlala lungivakashela, ngibe nokuzibuza ukuthi ngempela ngempela liyafezeka na leli phupho noma ngiyaphupha.
“Kube lula ukujwayela ngoba nozakwethu bangamukele ngothando. Ngazizwa ngisekhaya, kusengathi kade sazana nabo futhi singumndeni," kusho uWandile odabuka eBurbreeze, oThongathi kodwa okhulele kubo kwaGumede esigodini saseSigqumeni, KwaSwayimani.
Uthe uphelelwe ngamagama ngesikhathi sekuvezwa isiqephu sokuqala alingisa kuso.
"Ngijabule kakhulu. Ngabona ukuthi yithuba lokuba ngikhombise umhlaba ukuthi njengeciko ngiwuphatheleni nokuthi ngikhule ebucikweni nasempilweni, okuyinto abeyikhuthalele.“ Uthe yingakho athi uma ezwa ngezinhlelo ezenziwa yiMhayise Productions, wagxuma wahlala kuzo ngoba yilapho aqeqeshwa khona ngokucutshungulwa kwemibhalo, ukuxhumana, umsebenzi womlingiswa nobuchule bokulingisa.
UWandile uthe uMusa owamcija kabanzi ukuze alungiselele inhlolokhono.
UWandile uthe ukhule ebukela koHenry Cele wudumo kuShaka Zulu,Simon Mabhunu Sabela, Ndaba Mhlongo, Joe Mafela, Vusi Kunene noSiyabonga Thwala, asafisa ukusebenza naye.
Leli ciko liqale ukufunda eMbeka Primary, kwaSwayimani, sadlulela eSarasvati Primary ngaphambi kokuphothula uGrade 12 eFairbreeze Secondary, oTongaat.