ZANDILE PHIRI
UMLINGISI weDurban Gen, uNelisiwe Sibiya, ubonge umholi wohlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe emuva kokudla umhlanganiso emqhudelwaneni wezindondo wamazwe ngamazwe.
UNyazilwezulu luhlezi ngesinqe esisodwa esikhundleni ngemuva kokuba izinkantolo zonke ziluchithe kaningi zivuna abaseThembezinhle, esikhundleni esasiphethwe nguyise, uThingolwenkosazane.
Sekuyindaba endala ukuthi uyise osakhothama washiya ekhombe umfowabo, iNkosi Vela “Misebeyelanga” Shembe naye ongasekho kodwa iningi lamaNazaretha aseBuhleni asahamba noNyazi, noma seluhluliwe. Lusanda kuzivumela lona ukuthi akusiye uyise owaluqoka kodwa lwakhethwa yibandla.
Nakuba kunjalo uNelisiwe uyakholelwa ukuthi nguNyazi olumenze wahlabana emqhudelwaneni ngendondo yeBest Actress.
Yize unyaka ka-2022 ungamphathanga kahle uNelisiwe kodwa ukholwa wukuthi uNkulunkulu umesule izinyembezi ngomklomelo esezingeni lomhlaba.
UNelisiwe, olingisa indawo kaDkt Mbali Mthethwa emdlalweni osakazwa kwi-e.tv, usanda kugqemeka udume lwengozi ngokuqedwa kweDurban Gen, eyavumbulula ikhono lakhe.
"Emuva kokushayeka kakhulu, kuyangimangaza ukuthi unyaka ngiwuphetha kanje. Ngithanda ukuthatha leli thuba nginibonge nonke. Ngifikelwa wumunyu ngoba ngiyazi ukuthi beningeseka kusukela ngiqala lo msebenzi wokulingisa, yize ngangisaba ngoba ngangazi ukuthi abantu bazongigxeka njengoba ngangaziwa ngokuba ngumculi kuphela."
Le ntokazi ithe ilokhu yaqala ukulingisa kwiDurban Gen eminyakeni emithathu edlule, isihlabane ngezindondo ezibalelwa kwezinhlanu kuya kweziyisithupha. UNelisiwe uthe yize abantu bebemhlulela kodwa akakholwa wukuthi ungumlingisi oseseqophelweni eliphezulu njengoba esewine imiklomelo eminingi yamazwe ngamazwe.
Ubonge uMdali, amadlozi noNyazi. Uthe le ndondo uyimukela egameni lamantombazane amancane asafufusa azinze ezindaweni zasemakhaya futhi ezincishwe amathuba. Uthe uma ekwazile ukuphumelela yena nawo angakwazi.
"Le ndondo ngeyazo zonke izintokazi ezisencane eziphuma emakhaya nasemalokishini ezingenalutho, ngaphandle kwephupho Ngiyabonga" kuphetha uNelisiwe owaqala ukuduma ngengoma ebe iyibika lomdlalo iLockdown esihloko sithi Baba KaBafana.