UMLINGISI uBonko Khoza useveze ukuthi uyinto engakaze ibonakale emidlalweni yakuleli, umdlalo Ithonga oqale ngoMsombuluko ngo-8.30, kuMzansi Magic.
UBonko kulo mdlalo ulingisa indawo yamawele uBanele noSanele abasemkhakheni ehlukene.Uthe umdlalo lo uzogxila esikweni lamaZulu lokukhulisa amawele asemkhakheni wamathenda nezinto ezithinta umkhakha wokwakha. Njengoba kukhona obhongoza bakhona, la mawele azobonakala engene shi ezinkingeni.
“Ngijabule ukuba yingxenye yalo mdlalo njengoba uyinto ehlukile kakhulu kwezinye izindawo engake ngazilingisa. Kulo mdlalo oqoshelwe KwaZulu-Natal, kuzovela izimanga ngamathenda, izinkontileka nokunye okufike kungene shi emindenini eminingi yize kuyinto eyenzeka kuleli lonke, kodwa kuzogqamisa ngokwenzeka kulesi sifundazwe.
“Umdlalo uzoveza ukusondelana kwabantu abangamawele nomcebo emindenini ehlukene. Uzoveza amawele ukuthi angahamba ibanga elingakanani ukuthi avikelane ezintweni ezihlukene ngisho noma kwenzakalani oluwehlelayo empilweni yawo,” kuchaza uBonko.
Uveze ukuthi okunye ngawo ukuthi ugcwele izigigaba ezihlukene okuyizona naye athe zimshiye emangele.
“Ithalente elikhonjiswe abalingisi abahlukene kulo mdlalo, liyamangaza. Umsebenzi esesiwenzile manje angingabazi ukuthi yinto ezokwenza abantu babone into engakaze igqanyiswe yamawele ahlukene kodwa ngomphefumulo eyinto eyodwa. Siyathemba ukuthi abantu bazowujabulela umdlalo ukuya phambili,” kuchaza yena.
Abanye abalingisi okulindeleke ukuthi babonakale kulo mdlalo kubalwa u-Ayanda Borotho, Noluthando Ngema, Siphosethu Mabaso noNelisiwe Sibiya.Khonamanjalo: Kweminye imidlalo ezoqala kule nyanga kubalwa othi Cobrizi, uMzansi Magic ogcine ulumemezele usuku ozoqala ngawo ngoMashi 16, ngo-8 ebusuku.Lesi siteshi siphinde saveza ukuthi isizini yesibili yomdlalo Ushaka Ilembe, izoqala ukubonakala ngoJuni 15 ngo-8 ebusuku.