KUYAVALWA ngoLwesihlanu ukwamukelwa kwezicelo zoxhaso kwiNational Film and Video Foundation (NFVF), zabakhiqizi bamafilimu abafuna ukuyokhombisa ngamafilimu abo emibukisweni yaphesheya.
INFVF, okuyinhlangano engaphansi koMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, ivule lezi zicelo maphakathi nenyanga njengoba zivalwa ngoLwesihlanu nje.
Izicelo zivulelwe kubakhiqizi bamafilimu abafuna imali yokuyokhombisa ngamafilimu abo emibukisweni engaphambi kukaMashi walo nyaka.
"Imali ngeyokweseka abakhiqizi bamafilimu baseNingizimu Afrika abafuna ukuthamela imibukiso yamafilumu kuleli noma phesheya, izinkundla zokukhangisa ngamafilimu abo noma imidlalo yethelevishini, ukucobelela abanye ngamakhono abo nokumaketha imboni yamafilimu yaseNingizimu Afrika," kusho umbhalo ochaza ngemigomo yokungenela.
Abazosekwa ngabacela uxhaso lokuthamela imibukiso emibili yaphesheya nemibili yakuleli futhi kuzohamba oyedwa ozomela leyo filimu.
Abangenelayo kumele benze isiqiniseko sokuthi bangena eqoqweni elifanele kwazise ahlukaniswe ngokwamava.
Iqoqo lokuqala ngelabakhiqizi asebemnkantshubomvu, elesibili ngelalabo abanamava amancane bese kuthi elesithathu ngelalabo abasaqala ikakhulukazi labo abasanda kuphothula esikoleni abenza amafilimu amafushane.
Imininingwane yokungenela itholakala ku:https://nfvf.praxisgms.co.za/