IMZANSI Magic ithi izinhlelo ezikhuluma ngempilo yabantu ziyathakaselwa kulesi siteshi futhi iyajabula ngokwethula olusha.
Uhlelo olusha Ofuze, luzokhuluma ngempilo yenkakha kamaskandi, Ihhashi Elimhlophe, nomndeni wayo.
Luzoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic (DStv channel 161) kusuka ngoJanuwari 19 ngo-8 ebusuku.
UShirley Adonisi, ongumqondisi wezinhlelo zakuleli kwiM-Net, uthe kuyabajabulisa ukuthi kunomndeni omusha ojoyina owabo woMzansi Magic.
“Siyibonile impumelelo yezinhlelo eziveza impilo yangempela yemindeni edumile njengoThando Nes’thembu neThe Ranakas. Siyajabula ngokusondeza izibukeli zoMzansi Magic eduze nabakwaNgcobo ngalolu hlelo. Siyathemba ukuthi ezinye izinto okukhulunywa ngazo zizothinta abazobe bebuka,” kusho yena.
Ofuze bazobe beveza uBheki “Ihhashi Elimhlophe” Ngcobo nomkalo uLinah “Ebony” Ngcobo nomndeni wabo.
Uhlelo kuthiwa luzoveza umndeni ngendlela engakaze ibonakale phambilini, njengoba izingane zabo zizobe zizama ukusuka emithethweni ebekwe ngabazali.
“Izibukeli zizobona ukuthi njengoba Ihhashi nomkalo beziklamele indlela enhle kodwa akubona ubukhazikhazi ezinganeni zabo njengoba bezikhulisa ngaphansi kwemithetho eqinile.”
Indodana yabo endala uNathi, inezingane ezine futhi izimisele ngokuzimela nangokukhulisa umndeni wayo ngendlela yayo.
UNtombi Mzolo kuthiwa ubambe iqhaza lokuba wumxazululi emndenini. Naye unezinkinga zakhe njengoba kwashona izingane zakhe ezimbili.
Ingane yabo yesithathu, uJabu ifuna ukuphuma ekhaya kodwa kayizimisele ngokushadelwa ekubeni kuwumgomo obekwe ngabazali ukuthi ofuna ukuba nendawo yakhe, kumele ashade noma ashadelwe.
Owokugcina, nguVusiwe onemfihlo ayifihlele wonke umuntu emndenini.