UGABE ngezilomo umdlalo omusha oqoshelwe oLundi naKwaNongoma, UZulu Nomhlaba, ozoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic ngeSonto.
Lo mdlalo wenziwe yiSonrise Entertainment, okuyinkampani yomlingisi uNhlanhla Mdlalose noKing Shaft.
UNhlanhla uthe ujabule ngokuthi ekugcineni umdlalo wabo usuzoqala ukudlala kwithelevishini.
Uzokhonjiswa njalo ngeSonto ngo-8 ebusuku.
“Uzoba yiziqephu ezingu-13 futhi eziyihora (sisinye). Abalingisi abakhona ngabantu abasha ekulingiseni, abadlala izindawo eziphambili esibathole eKCap ngaphansi kuka-Edmund Mhlongo. NguNtokozo Vilakazi onguMhlaba no-Aphiwe Bhengu onguZulu. Abanye ngu-Ayanda Borotho, Phindile Gwala, Ernest Ndlovu owayenguNgwebedla kwiSibaya, yimina uNhlanhla Mdlalose, uNothando Ngcobo onguHlelo kuZalo, umkaTshatha uSibongimpilo Ngobe, Phumzile Mlangeni, Mjosty neHhashi Elimhlophe,” kusho uNhlanhla.
UNhlanhla, owayelingisa indawo kaBongani kwiSibaya, uthe UZulu noMhlaba ukhuluma ngomaskandi futhi baxhaswe wuMasipala waseZululand noMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke ukuwenza.
“Wumdlalo obalulekile lona kwithelevishini emabhinceni. Sibonile imidlalo ekhuluma ngamatekisi njengakwiSibaya kodwa ayikaze ibe khona ephathelene nomculo okhuluma ngomasikandi, umculo ohlonishwayo. Abantu bazi ukuthi udlalwa ngabantu abaphansi abahluphekayo kodwa bazofunda ukuthi noma wubani angawudlala. Nababuka umdlalo bangagcina sebewuthanda. Ngeke sikhulume ngomasikandi (ngale kokuthi)singawaphathi amagama oMfazomnyama noPhuzushukela kodwa umdlalo awukhulumi ngomlando wabo,” kuchaza yena.
Uthe yize esegxile ekudidiyeleni imidlalo kodwa nokulingisa akakuyekile, okuyingakho engomunye wabalingisi emdlalweni.
KwiZulu noMhlaba ulingisa indawo kaNyembezi, ongumashonisa ongathi nsi.