UMISWE ngomzuzu wokugcina umshado kaBabes Wodumo noMampintsha njengoba bekumele ube yingxenye yohlelo lwabo, obekumele luqale kwiShowmax, kule nyanga.
Uhlelo uThando Lodumo, bekumele lukhombise ngempilo yalaba baculi abahlala eThekwini, bakhombise nomshado wabo njengoba sekulotsholiwe.
Lokhu kuvezwe abakwaMultichoice abathe lolu hlelo ngeke lusaqala kule nyanga njengoba kumele kube khona umshado.
Bathe konke sebeyokwenza uma kudlula igciwane iCovid-19, la kuyobe sekuvulelekile ukuthi kubanjwe imicimbi emikhulu.
UYolisa Phahle ongumphathi wakwaMultichoice kuleli, uveze ukuthi bathathe isinqumo sokuthi bangaqale bakhombise ngalolu hlelo njengoba inhloso ngalo ukukhombisa lezi zithandani zibopha elikasofa silahlane.
“Uhlelo i-The Real Housewives of Durban obekumele luqale esiteshini i-1Magic lusazoma ukukhonjiswa njengoba sesizoluthatha silufake kwiShowmax kusuka ngoJanuwari 29. Siyazi ukuthi ababukeli besiteshi i-1Magic bese bekubheke ngabomvu ukuqala kwalolu hlelo, kodwa nakithina kube isinqumo esinzima lesi esisithathile sokwenza lezi zinguquko. Siyabakhuthaza ke ababukeli ukuthi bazitholele uShowmax njengoba uma bewufaka bezothola izinsuku ezingu-14, mahhala zokuthi bawujabulele,” kuchaza uYolisa.
Uthe uhlelo iThe Real Housewives Of Durban luzobonakala emazweni angu-40 ase-Afrika, kulona kuzobonakala ubumnandi obufana ncamashi nezinongo ezijwayele ezisetshenziswa abantu baseThekwini uma bepheka.
“Siyakholelwa ekutheni uShowmax ungezinye seziteshi zethu ezihamba phambili, ezixoxa izindaba ezihlukene zase-Africa. Ubuhle obuzobonakala kulolu hlelo lwalaba besifazane nangendlela abaphila ngayo buzobe bungehlukile kwesakubona ohlelweni oluthi KwaMaMkhize,” kuchaza uYolisa.
Kulolu hlelo abesifazane abazobe behamba phambili kubalwa uNonkanyiso Chonco, Ayanda Ncwane, Sorisha Naidoo, Kgomotso Ndungane, Nonku Williams no-Annie Ludick.