KUME nse ukusebebenza lapho kuqoshelwa khona umdlalo owuchungechunge, iMuvhango, ngenxa yokuthi abasebenzi babeke phansi amathuluzi, bekhala ngomholo wangenyanga eyedlule abangawutholanga.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi abalingisi nabadidiyeli bayeke ukusebenza kuleli sonto becikwa ukungaholelwa ngoMsombuluko.
Omunye umlingisi, ocele ukungadalulwa ngoba esabela ukuxoshwa, uthe bekufanele baqale ukuqopha iziqephu zesizini entsha ngoMsombuluko kodwa baphoqeleka ukubeka phansi amathuluzi ngoba bengakhokhelwe imali yangenyanga eyedlule. "Okusicike kakhulu ukungatshelwa ukuthi sizowuthola nini umholo wethu. Akukhona okokuqala sigilwa kanje. Abakukhathalele ukuthi nathi sikhokhela imizi, izimoto, abantwana ezikoleni nokunye," kusho umthombo ongaphakathi.
Isolezwe NgoMgqibelo libe selithinta oyisikhulu sezokuxhumana kwaSABC, uNksz Gugu Ntuli, okuqinisekisile ukuthi abasebenzi ababambe iqhaza kuMuvhango abakawuholeli u-Okthoba.
"I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi kube nokuphuza ukukhokhela inkampani eqopha lo mdlalo ngo-Okthoba. Inkampani eqopha lo mdlalo seyazisiwe ngendlela yakhona futhi iSABC iyaxolisa kakhulu ngalobu buhixihixi obudalekile," kuphawula uNksz Ntuli. Sekungokwesibili kuba nobuhixihixi ngemiholo yabasebenzi balo mdlalo. Ngonyaka owedlule, ngo-Agasti, ithimba loMuvhango lalidunguza ebumnyameni ngenxa yokuthi lalingaholeli emuva kokungavuselelwa kwesivumelwano sokusebenzisana phakathi kwenkampani eqopha lo mdlalo, iWord of Mouth Productions neSABC.
Abasebenzi baphoqeleka ukuba bateleke ukuze kusheshe izingxoxo. Nango-2019 abasebenzi bake bangaholelwa izinyanga zaze zambili, kwaze kwasiza khona ukuba abasebenzi bangene esitelekeni ukuze baholelwe. Kwaze kwashaya uDisemba bengayinuki imali yabo. IMuvhango isakazwa kuSABC 2 phakathi nezinsuku ngo-9 ebusuku.