UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
Episode 171
ENGALINDELE uMaMlambo uzakhela inzondo kuGabisile. UMkhonto uphatheka kabi uma ezwa ukuthi uNosipho ukhulelwe ingane yenye indoda. UNomaswazi uyamangala uma ezwa ukuthi uNjinji ufuna ukusebenzisa umuthi ukuze alwe noPutin. UMkhonto uyaqhubeka nokuzwa izindaba ezingamjabulisi ngoNosipho. Isu likaMbatha lokuqoqa umnikelo kubukeka lihamba kahle. UFlavia ubonisa uGabisile ukuthi alandele inhliziyo yakhe uma kuyiwa kuNkunzi noMthambisi. UNosipho noPastor Gwala bezwa ngobulili bengane. UVika uthola into ebiyenzeka phambi kwakhe. UMbatha uyaqhubeka nokuqola abantu ngendlela ephumelelayo.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
KUFIKA usuku abelulindele uVhutshilo. UShaz uqondisa ubugwegwe ku-Elelwani. U-Imani unomuzwa wokuthi uKhumo unesandla ekunyamalaleni kuka-Itseng futhi ufuna ukukhombisa abantu lokho. U-Azwindini ubahlelela umshado omkhulu uVhutshilo noZama. UShaz no-Elelwani bayaxolelana. UBorosi uyabuya futhi ufuna ukusebenza eduzane kuka-Azwindini kodwa kuba khona into eyenzekayo engajwayelekile esigodini abahlala kuso, okubonakala sengathi sihlangene naye. UKhumo uphoqa wonke umuntu ukuthi athamele umhlangano ophuthumayo. UVhangani uzama ukuthola ukuthi u-Elelwani uyindodakazi yakhe yini. UThifhelimbilu usola umndeni wasebukhosini ngokuba nesandla ekunyamalaleni kwengane yakhe.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
AKAJABULE uLucy ngesivakashi esifika bengasilindele. Isibongo sakwaMoroka kukhulunywa kabi ngaso futhi. Kuba wuGugu kubona bonke abantu olwela futhi avikele umngani wakhe. U-Ayanda uthatha isinqumo sokufonela owayeyisoka lakhe kodwa umangazwa yinto ayishoyo. UMrekza uyakhathazeka uma uCosmo ngasese emcela usizo. UYster wethula izindaba ezithusayo kuMpho. AbakwaDiale bakhathazekile uma engatholakali uMbali(Ditebogo Ledwaba). UJames uthola ukuthi waqanjelwa amanga futhi usefuna ukwazi okunye. ULuyolo uphelelwa ngamandla uma ebona ukuthi wobani abaphathi abasha besibhedlela. UZanele akamphathi kahle uPele.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
UMCIMBI wokuthatha izithombe uba nemiphumela emangazayo. Uthisha onekhono, futhi onesineke ngezingane wethulwa kuKhanyi. UDintle ukhathazekile ngokulahlekelwa wumngani ngenxa yobudlelwane bezothando. Ingabe kungase kube khona ukubuyelwa yithemba ohambweni olugcwele ubumnyama? Yize ebhekene nezinkinga kodwa uDudu uthatha isinqumo esingalindelwe. UDintle uthatha isinqumo sokuvikela umsebenzi wakhe futhi konke lokhu ukwenza eyedwa. ULindiwe noNhlamulo babona inhlasi yethemba ngento ayenzayo kodwa ingabe uzophumelela yini? Intombazane esencane ihlangana futhi iba nobudlelwane obuseduza nowesilisa osekhulile. UVuvu uyabuzwa ubunzima bamanga awaqamba futhi wenza isinqumo esishiya imibuzo.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
KUNGALINDELE muntu uFunani ushubisa isimo ku-Alex phambi kukaDTI. UMolefe uvakashelwa ngamaphoyisa engalindele. UFaith no-Isaac kuba nesimo esingesihle uma behlangana. Izitha zikaMolefe zithatha izinto zizibeka kwelinye izinga kungalindele muntu. U-Alex uzama ukuthatha isinyathelo ngoFunani. UMolefe wenza sengathi ubanjwe inkunzi. UFunani uyamangala uma ethola ukuthi uFaith useTembisa. UFunani ufika emzini wakaMolapo futhi unemibono emangaza uRea(Matshepo Maleme). U-Isaac ukhetha ukuzimela esimweni esimvelelayo.
THE QUEEN
Ngo-9 ebusuku kwiMzansi Magic
NGOKUSHESHA uSchumacher uthola ukuthi ngeke aze asebenzele omunye muntu bese kujabula yena ngenzuzo. U-Andiswa uya kuSchumacher noMncedisi uyobabuza ngento engamphethe kahle. UBrutus usekhathele yizinto ezithinta ulwazi ezifunwa ngamadodana akhe. ULondiwe uzama ukudala uxolo phakathi kwakhe noHarriet. USchumacher ukuthola kunzima ukulahlekelwa uMncedisi. Owesifazane osanda kufika unentshisekelo ngoMlungisi. ULondiwe uyahluleka ukuthola imali kumngani omdala kaDouglas nabanye abangani bakhe. UCora uzibeka obala futhi uyazicacisa izinhloso zakhe. USchumacher ukhombisa uMncedisi ukuthi uzizwa kanjani ngaye. ULondiwe uthola ukwesatshiswa wumuntu angamazi. U-Andiswa unika izibusiso uSchumacher noMncedisi. UMlungisi uqamba amanga, ukuze kube khona akutholayo.
DIEPCITY
Ngo-8.30 ebusuku kwiMzansi Magic
U-ASANDA (Zikhona Bali) uyavuma ukuthi ubhema inyaope. Idliso likaMary liba nomphumela ongemuhle. UBonga noRingo bathatha ngenkani uThemba, bamyisa enyangeni ukuze athole usizo. U-Asanda wenza isimo ebesingalindelekile futhi uyamiswa emsebenzini. USkhumbuzo uyaqhubeka ngokudlala ngoLerato noMaNtuli. U-Asanda uthela ngehlazo uCharleston phambi kukamkhaya wakhe. USkhumbuzo ubanjwa noMantuli. U-Asanda uthembisa uCharleston ukuthi uzoyeka ukubhema inyaope. UCharleston uyavuma ukuthi kubuye umuntu amfanisa nosathane endlini yakhe, ukuze adambise izinhlungu zika-Asanda. ULerato uthola iqiniso elingaphelele kuSkhumbuzo.