HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
U-ONA (Nefisa Mkhabela) uzithola egaxele. U-Isaac ugqugquzelwa ngumuntu ongalindelekile. UMolefe uzama ukulungisa umonakalo awudalile ngesikhathi u-Isaac ezama ukungenelela egameni likaTebatso. URea uxwayisa uMolefe ukuthi uKeletso akasoze amxolela. U-Isaac uzithola enza into enobungozi noBra Carter. UMolefe uneqhinga noKeletso.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
UKhulekani uzimbela umgodi okuzoba nzima ukuphuma kuwo. “Abazali” bakaMlungisi bayanqaba ukuphonsa ithawula ngaye. AbakwaMthembu babonakala belahlekelwa ngamandla njengoba uMaMzobe noMlungisi bengenisa futhi bekulungele ukuthatha ibandla kumnyama kubomvu. UNomkhosi uthola into eshaqisayo ngomyeni wakhe. UNomkhosi uthatha isinqumo sokuphenya ngakuthole “ngomsebenzi” womyeni wakhe. UDifa uxosha uMaMzobe endlini. UNomkhosi uthatha isinqumo esikhulu ngemuva kokuthola iqiniso ngoKhulekani.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
ULINDE ubanjwa esesimeni esibucayi. UTenda udalula ukuthi uyazi ngo-Imani nomuthi. UVhutshilo uyasula. URendani uthola iseluleko sikaTuwani ngokuthi uzomkhipha kanjani uLindelani endlini unomphela. UTendamudzimu usabisa ngokujezisa uSusan ngokuzama ukukhipha uVhutshilo ezweni. U-Imani (Zonke Mchunu) uyahluleka ukuthola indlela yokuveza ukuthi akawusebenzisanga umuthi enganeni kaGugu. UJames noGugu babona ukuthi u-Imani ubadayise esitheni. UJames ufuna u-Imani ayiswe ekhaya.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
U-ANATHI kumele athathe isinqumo esishintsha impilo. UNozuko uzama ngakho konke ukukhulelwa. Umshado kaFuneka noMsimelelo usengcupheni. Imfihlo ka-Anathi igcina iyavela kuLuzuko. UMsimelelo uyahluleka ukuzikhipha emgodini azimbele wona. Imfihlo ka-Anathi iyamshisa. USivuyile uhlangana noGubevu ochichima yinjabulo. Unkosikazi wesibili ucela isehlukaniso.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
Ulwazi olusha lungase lunyomfe izinhlelo zowesifazane ngakho uqhamuka neqhinga elisha. Izinto ziyaphuma esandleni ngesikhathi omunye ezama ukuqonda omunye. Owesilisa kumele achaze uma kuvela imfihlo yakhe. Abangani baphoqeleka ukuthi baqhamuke neqhinga elizobakhipha esimeni esinzima. Ingabe owesilisa uzokwenza okufanele uma ebhekene namaphutha ezenzo zakhe? Ingabe uTaps uzokufakazela ukuthi umngani oba khona ezikhathini ezinzima wumngani oqotho? UGloria wenza into ewubulima.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
Amalungu aseKFC aphuthuma esiteshini samaphoyisa uma etshelwa ngekusasa lawo. USbu uyazehlisa ngokucela umsebenzi kuNjeza. UGabisile uveza inhliziyo nemizwa yakhe emsakazweni nakwi-InstaLive. Ingabe uNkazimulo nabangani bakhe bazoxolelana noma ubungani buphele ngempela? UMbatha uyashintsha. USbu uyafunga ngokushintsha indlela enza ngayo. UNkunzi uthatha uhambo oluya ekhaya ukuyovakashela umalume. UMbatha (Thabo Mnguni) uyakhishwa ejele. IKwaNjomane iyadayiswa. UNjinji uyakujabulela ukubona umbuso kaNkunzi ushabalala. USbu uyafunga uthi, ngeke aphinde abuyele ebugebengwini.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC 1
UMAKHUMALO uzama ukuthola u-Ayanda ukuthi amenzele imisebenzi yakhe engcolile. UNontle unezinsolo futhi ufuna ukuthola okunye. UFikile uyaqhubeka nokuzenzisa kanti wakha itulo. Kuba muncu uma umndeni uvalelisa kuGog’Flo. UCosmo ungena kungazelele muntu futhi ushaqiswa ngakubonayo. Udadewabo kaKhanyisile uyamshaqisa futhi. U-Ayanda uthuswa ukuzwa ukuthi yini uNkosiyabo ayicabangayo. UNkaba uqinisekisa uBen okhathazekile ukuthi iqhinga labo lizosebenza.