UMSAKAZI weFakumoya ngoLwesihlanu neNdabezinhle ngeSonto kuKhozi FM, uZandile "Zeal" Dladla, uqokwe kumaWoman of Stature Awards South Africa 2025.
UZeal waseMlaza uzodlana imilala nabanye abantu besifazane emunxeni we-Woman in Arts and Culture. Uzobanga umklomelo no-Amogelang, Lanie noHunTer.
Ucashunwe emithonjeni yezindaba ethi ukushayela ihlombe ukuqokwa kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi usezingeni lomhlaba futhi sewuke wasingathwa ngamazwe ehlukene.
Uthe kuye ukukleliswa nabantu asebevelele emkhakheni wezobuciko namasiko kusho ukuthi usekhulile endimeni yezokusakaza.
Esephetha ubonge kakhulu uNkulunkulu, iSABC nabalandeli bakhe.
Uma le ntokazi esibuya kwiVuma FM, East Coast Radio nakwi-Metro FM, inganqoba izobe ingathuki isisinga njengoba seyike yahlabana emiqhudelwaneni eminingi.
UZeal useke wahlabana ngomklomelo weMost Grown Show kuKhozi, waqokwa emkhakheni weBest Dance Music Radio Show kumaSouth African Dance Music Awards.
Wabuye waqokwa kwaze kwakabili kuma-Telkom Radio Awards kumunxa we-Best Weekend Show ne-Best Breakfast Show.
Esitatimendeni esisabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, abagqugquzeli bama-Woman of Stature Awards South Africa bathe bayamhalalisela uZeal futhi uqokwe ngenxa yempumelelo yakhe endimeni yokusakaza.
Bathe lo mncintiswano wasungulwa ngo-2013 ngenhloso yokufukula abantu besifazane nokubakhuthaza ukuba bazibambe ziqine emikhakheni abakuyo.
Sebephetha, bathe umcimbi wokumenyezelwa kwabadle umhlanganiso uzobanjelwa e-Indaba Hotel, eFourways, eGoli ngo-Ephreli 12.