UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni kwiGagasi FM, uFelix Hlophe, uphike walala ngomhlane ukuthi uzolamanisa inkosikazi yakhe, uTracy Smith.
UFelix, osakaza uhlelo olubizwa nge-The Uprising noMinnie Ntuli, utshele Isolezwe ngoLwesine ukuthi ingamanga aluhlaza cwe imibiko yokuthi uzoshadelwa yintokazi ebisiyishende lakhe leminyaka u-Ayanda Bhengu.
Ebuzwa ukuthi yini edala ukuba kube nemibiko ethi umkakhe usemvumele, uFelix uthe empeleni yisikhangiso sohlelo oluzayo.
Exinwa ngemibuzo mayelana nesihloko sohlelo nokuthi luzokhonjiswa kusiphi isiteshi, uFelix uthe kuseva ukuthi usengabelana nemithombo yezindaba ngalolu hlelo.
"Khona maduze kuzokwaziwa konke ngalolu hlelo," kusho uFelix eshaya ngezinqamulelayo.
Ngokusho kweTshisaLIVE, imithombo esondelene nomndeni wakwaHlophe, uFelix ubesenesikhathi encengana nomkakhe ukuba avume ukuba agcine ethathe u-Ayanda.
Uqhuba lo mthombo uthe sekuze kwakaningi uTracy, uFelix kanye no-Ayanda bebonakala bedla kwezinye izindawo zokudlela emuva kokuba uTracy evumile ukuba u-Ayanda azobambisana ekuvuseni umuzi wakwaHlophe.
"Yebo, umkami ugcine evumile ukuthi u-Ayanda abe ngumkami wesibili. Akukho okuningi engizokusho manje kodwa zizowushaya maduze," kucashunwa uFelix esho kanje.
Ngesikhathi uTracy no-Ayanda bethintwa ngalolu daba, banxuse ukuba kubuzwe yonke imibuzo kuFelix.