KULINDELEKE izinguquko emdlalweni wethelevishini Umkhokha. Kusukela ngoJanuwari 1, kuzobonakala umlingisi omusha uKwanele Mthethwa, ozovala isikhala sikaKwezi Ndlovu.
UKwezi uzonyamalala kulo mdlalo kanti emasontweni adlule udalule izindaba zokuthi uzithwele.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi umlingisi uzobeletha maduzane ingane yesiqumama esizinze eThekwini, kodwa esidabuka KwaMaphumulo.
Umthombo ongaphakathi, uveze ukuthi bekungelula ukuthi indawo kaNobuntu (Kwezi) ivalwe ngoba iyathinteka kakhulu manje ezinkingeni ezikhungethe uMaMzobe (Deli Malinga).
“Okwenze ukuthi angadedelwa kuze kube uyabuya, indawo yakhe igqamile kakhulu muva nje, manje bazothatha ikhefu ngoba sebeya ngasemaphethelweni okushutha isizini yokuqala. Maduze bazonikwa ikhefu lamaholidi kaDisemba, bese bebuyela emsebenzini beyoqopha isizini yesibili. Okudale inkinga yikho ukuthi indawo yakhe kusizini entsha ibidingeka kakhulu, ngakho bekungenzeka bayinqamule isikhashana bangamvezi aze abuye kodwa kwabonakala ukuthi ngeke kwenzeke kanjalo,” kuchaza umthombo.
Udalule nokuthi isizini yesibili izoshiya ababukeli bebambe ongezansi futhi ophrojusa benza okusemandleni ukuthi lo mdlalo uqhubeke uhehe abantu.
“Kwenziwa konke okusemandleni ukuthi umdlalo ube sezingeni njengoba kwenziwe kusizini yokuqala. Maduze kuzovela izindaba zabalingisi abasha abazobonakala kusizini yesibili. Ngakho wonke umlingisi uyadingeka bekungeke kusize ukuthi ahambe angabonakali,” kuqhuba umthombo.
UPortia Hlongwane obhekelele umdlalo kuMzansi Magic ukuqinisekisile ukuthi uKwezi, uzonyamalala emdlalweni.
“Njengoba ememezele izindaba zokuthi ukhulelwe, kuyiqiniso ukuthi uzonyamalala futhi indawo yakhe izovalwa uKwanele okuyimanje umatasa uyaqopha futhi ngeke kube lula ukuthi umthole njengoba ematasa ngempela,” kuchaza uPortia.