ABESIFAZANE abathathu abanquma ukubopha ifindo likasofa silahlane imindeni yabo ingazi, bazohlangana nayo okokuqala ngenhloso yokucela isibusiso.
Lokhu kuzokwenzeka ohlelweni iSamukeleni oluzoqala ukubonakala ngoJulayi 17 kuMzansi Magic (161).
Lolu hlelo lususelwa koluthi Forever Thina lapho ababefuna ukushada kodwa benezinkinga zemali babecela uxhaso lokuhlelelwa umshado omncane.
Ekhuluma ngalo, u-Irvin Pooe weMzansi Magic uthi laba abashadile babathathe kwabangu-13, ababonakale ohlelweni iForever Thina.
“Lolu hlelo luzoqhubeka nokuveza ukuthi njengoba imindeni yabanye ingazi ukuthi bashada, abanye bashada ingekho, yini eyagcina yenzekile.
“Abanye babo bafuna ukulungisela umgcagco ngakho-ke abafuni ukuze baphethe amalungiselelo bengayazisile imindeni ngegxathu asebelithathile.
“Okuhlukile manje wukuthi sebefuna ukwenza umcimbi wabo sebesitholile isibusiso somndeni, kuchaza u-Irvin.
Uthe ngaso sonke isikhathi izinhlelo zabo zixoxa izindaba abathemba ukuthi zizogcina ababukeli bethe njo kuzona futhi ezizoletha izinguquko ezintweni eziningi abantu ababhekana nazo.
“Izinkulumo ezazikhona ohlelweni olwedlule nemibuzo abaningi abasala nayo, siyathemba kukhona la bezophenduleka khona.
“Kukhona imindeni eyabaduba abanye babo ngenxa yokuthi yayingahambisani nokuthi bayashada ekubeni zingekho izinhlelo eyayiyingxenye yazo.
“Manje ababukeli ababheke ukuthi yini eyenzeka sekudlule konke kuze kube yimanje. Okumele sikubheke manje wukuthi ngabe imindeni izobamukela yini ngenxa yokuthi baqala izinto ingazi lutho,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi imindeni eminingi eyayikhala ngendlela izinto ezenzeke ngayo, yayiveza iphuzu lokuthi ilobolo likhokhwe kubani njengoba yona beyingazi lutho.