SIQALE ngegiya eliphezulu isiqephu sokuqala sokugoqwa kwesizini yesibili yohlelo iReal Housewives of Durban (RHOD).
Lokhu kwenziwe yinkulumo kaThobile “MaKhumalo” Mseleku, oveze ukuthi uyibonile indlela aziphathe ngayo uNonkanyiso Conco, odume ngelikaLaConco ezinkundleni zokuxhumana.
UThobile uchaze uLaConco njengosathane ngoba ukhuluma kabi ngaye emakhosombeni bese eqhamuka esemjabulela, esemanga uma embona.
“Angikhumbuli ngiba mubi kuyena, kunalokho uyena uzakhele umqondo othile ngami waze wawukholwa futhi waphila ngalawo manga abezitshela wona ngami. Ubengithuka, ebonisa indlela angizonda ngayo, kwajika kwawuyena osenganga, engibiza ngamagama amnandi uma engibona,” kusho uThobile.
UNonku ukufakazele ukoshiwo nguThobile wathi, naye waba sesimweni esifanayo ngesenzo sikaLaConco, okhuluma kabi ngaye eceleni kodwa afune ukumncokolisa uma sebebonana.
Uzamile ukuzithethelela uLaConco, kuThobile ngokuthi akanaso isizathu sokuba mubi kuye ngoba uyamhlonipha uMusa (uMusa Mseleku, ongumyeni kaThobile.)
UThobile uvele wamnqanda engakaligwinyi lelo wathi, angakhulumi iphutha ngoba uma ehlonipha uMseleku ubengeke aphathe amakhosikazi akhe ngale ndlela. “Ayikho into ethi zenzise, uma ungangithandi kulungile akuhlale obala lokhu,” kusho uThobile.
Abantu bakujabulele kakhulu okwenziwe nguThobile futhi bebengacabanga ukuthi luzofika lolu suku lokuthi azikhulumele.
@Mabaso40828352: UThobile wuhlobo lomuntu othula isikhathi eside engasho lutho, kodwa lapho akhuluma khona, ukubekela kahle yonke into. Uyakwazi ukuzikhulumela futhi ngithokozile ngokuthi azimele.
@karabom969: UThobile ushaye phansi ngonyawo uLaConco ubengakulindele lokhu. UThobile noLondi babuhlalise obala ububi bukaLaConco. Ngiyamthanda uLaConco kodwa ngibona sengathi akakayizuzi impilo ayifisayo yingakho eziphatha kanjena.
@Feather_Ruffler: UThobile umtshele ezikabhoqo uLaConco ngokuzenzisa. Ukhuluma kabi ngabantu uma bengekho kodwa uhleka nabo uma ubabona. Ungusathane onjani?