UZOBA se-ICC ngoNovemba 6, umcimbi wabashayi bezinsimbi, ezingomeni ezehlukene kuleli, amaMzansi Musical Instrumentalist Awards.
NgoLwesihlanu abahleli bomcimbi bamemezele abazoqhudelana kuwona, abakwenze lokhu enkundleni yokuxhumana iFacebook.
USiphamandla Vezi ohlela umcimbi uthe njengoba sebememezele usuku nabaqokiwe emcimbini, konke ngakubo sekulungile sebelindele abantu abazobe behambela ngosuku abalubekile.
Umcimbi okungowokuqala kuleli, kuwona kuqokwe abashayi bezinsimbi abadlalela abaculi abadumile izinsimbi ezahlukene.
“Ukuvota siyakuvala ngoNovemba 1. Abafuna ukuba yingxenye yomcimbi bukhoma sebengawathola amathikithi eTicketpro. Simema wonke umuntu azobona kuqophela umlando njengoba lezi zinsizwa nezintokazi eziqokiwe iningi lazo lingakaze linconywe ngomsebenzi walo eliwenzile ezingomeni ezihlukene kuleli, ezinye zazo ezenza kahle,” kusho uSiphamandla.
Omunye wabaqokiwe emcimbini uSiyanqoba Mthethwa, uzakhele igama ebonakala eshaya uphiyano eqenjini iJoyous Celebration.
USiyanqoba uqokwe emkhakheni weBest Gospel Pianist, nozakwabo okukhona kubona uNtuthuko Dlamini, Bheki Bhazonke Mthembhu, Mandla Chonco noKhensani Khoza.
Abanye abaqokwe yilaba:
Best Gospel Drummer
Banele Dhlulisa
Charles Mnomiya
Syabonga Xulu
Sbahle Mthembu
Seko Mnguni
Mzwandile Bhengu
Best Gospel Bass
Senzo Mdaba
Qhubekani Mthethwa
Ntobeko Mbatha
Siyabonga Mkhize
Best Maskandi Bass
Mbuzeni Mkhize
Celumusa Zuma
Khaya Mkhize
Imbabazane
Best Itende Player
Dah Ngwenya
Lihle Dumisa
Maqhawe Dlamini
Musa Skosana
Best Jazz Drummer
Sphephelo Mazibuko
Syabonga Xulu
Sbusiso Zondi
Thabiso Mnyama