ABHOKA ayakhahlela amaqembu aphikisayo athi afuna izimpendulo kuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, njengoba sekuvele ukuthi umnyango wakhe uzoxhasa umcimbi ama-South African Music Awards ngemali engu-R28 million.
Lokhu kuvezwe umholi we-Action SA esifundazweni, uMnuz Zwakele Mncwango, othe kuyakhathaza ukubona imali engaka ezochithwa ngosuku olulodwa kulo mcimbi ozoba seThekwini, ngoNovemba 17 no-18.
Ekhuluma neSolezwe, uthe umatasa ubhalela uNgqongqoshe uDuma, ihhovisi lezezimali kulesi sifundazwe kanjalo nezikhulu ezehlukene eMnyangweni ukuthi ziphendule ngalolu xhaso.
“Sifuna ukwazi ukuthi kungani i-SABC ngokusakaza lo mcimbi izothola u-R2.9 million, umcimbi owaziwa nge-Red Carpet yini le ezobe yenziwa kuwona uze udle u-R2 million. Angisayiphathi-ke eyabazokhangisa lo mcimbi ezinkundleni zabo zokuxhumana (influencers), bona okuvela ukuthi bazonikwa iu-R70 000 ngabazobe bekwenza. Isikhwama esaziwa nge-goodie bag sona yini le ezobe iphakathi kusona nokuzoze kuchithwe imali engu-R3 million ukuthi zenziwe ukuze kubongwe abawinile kanjalo nabayizihambeli eziqavile?
“Sisesifundazweni esibhekene nenkinga yentsha engasebenzi, ngakho le mali ibingasiza kakhulu ekutheni idale amathuba omsebenzi, njengoba lo mcimbi ubungekho ezinhlelweni zalo nyaka, kodwa kwathathwa esikhwameni semali ehlukene ukuthi wenzeke. Asilwi nokuthi uxhaswe kodwa isiningi kakhulu imali eshiya imibuzo ezochithwa nesingakholelwa ekutheni iphume,” kusho uMncwango.
Uveze ukuthi kuyabamangaza ukuthi amalungu esiShayamthetho ngesikhathi ebona le mali akashongo lutho, ngoba bekumele engayivumi.
“Ngabe izindondo ezizotholakala ngalolu suku zizoqasha abantu basebenze, amaciko aKwaZulu-Natal wona yini azoyihlomula ngalolu suku? Konke lokhu kumele sikuthole nawo amaciko sizwe ukuthi athini,” kuchaza uMncwango.
UMnuz Otto Kunene, omele i-IFP ekomitini lalo mnyango, uveze ukuthi yize bebengakezwa ngale mali, kodwa bazimisele ukuthi uNgqongqoshe aziphendulele ngalokhu.
“Imisebenzi ayikho esifundazweni, ingqalasizinda iyakhalisa kanjalo sinezinkinga emabhishi, konke lokhu kudinga imali. Ngakho imali engaka ngeke sivume isetshenziswe ngosuku olulodwa. Silindele ukuthi sihlangane ke sizwe ukuthi bazothini. Yebo siyavuma ukuthi lo mcimbi uzoletha izivakashi ezizofika nomnotho, kodwa akucatshangelwe nokunye okungalungile esifundazweni,” kusho uKunene.
UMnuz Heinz De Boer we-DA uveze ukuthi ekuqaleni kwaleli sonto bese beyithumelile imibuzo emayelana nale mali nokuthi kungani kuzochithwa imali engaka ngalo mcimbi.
“Silinde izimpendulo kuDuma nabo bonke abasebenzi bomnyango. Imithombo yethu ibisisithumelele amaphepha ngaphakathi. Lolu daba ngeke lugcine nje la, sifuna ukuthi kuphenywe ngalo lonke isenti okuvela ukuthi lizosebenza kulo mcimbi,” kuchaza yena.
Kuthintwa abama-SAMA baveze ukuthi zonke izimpendulo zizovela emnyangweni.
Okhulumela umnyango, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthembise ukuphendula imibuzo athunyelelwe ngalolu daba kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakaphenduli.