BAFUNA ukwenza umculo wekwaito nezinkakha zabaculi bakuleli abafana baseMthwalume, okumanje bawundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ngengoma yabo ethi Skuta Baba.
Leli qembu elaziwa ngeWoodblock DJ’s libunjwe uSicelo ‘ButterNutt’ Nkomo, Asanda “Set Off” Ncwane, Anele “Somlolo” Mkhanyayo noMvelo “Mvelost” Mthembu.
Bekhuluma neSolezwe bathe namanje basamangele indlela ingoma yabo ethakaselwe ngayo, futhi manje babheke phambili ekutheni bakhiphe i-albhamu ephelele.
USicelo uthe okubenze bahlangana benza umculo indlela abahloniphana ngayo, ukusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela emsebenzini womculo abawenzayo.
“Uma usibona uyabona ukuthi sisebancane. Yimina engigxile kakhulu ekutheni sibhale izingoma, ngiziphrojuse. Ukubona umsindo weSkuta lo esiwenze kule ngoma, kungikhuthazile kakhulu ngahlala ngifuna ukusebenza kanzima ukuya phambili. Ngifuna ukuvusa umculo wakudala. Ngifuna njengeqembu sisebenze nabaculi abafana noBricks, Mzambiya, Mzekezeke nabanye njengoba sifuna ukubuyisa loya mculo wekwaito wakudala. Siyintsha esadinga kakhulu ukuqondiswa njengoba sizifikela emculweni,” kusho uSicelo.
Uthe abakunxusayo manje ukuthi abantu baqhubeke nokubaxhasa, bese beyabaqasha ukuze umsebenzi uye phambili.
“Zingu 25 izingoma esinazo engizibhalile. Simatasa sibheka esingakwazi ukuthi siziqoke ukuze sikhiphe i-albhamu ngazo. Abantu basazowujabulela umsebenzi wethu, lokhu abakubona manje kusekuncane, kuningi esikuphethe,” kuchaza yena.
Uthe bayakholelwa ekutheni isigqi sabo esihlukile somculo yisona esiholele ekutheni babukwe abantu abangaphezu kuka-28 million enkundleni yokuxhumana iTik Tok.