OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM uLinda Sibiya uthi uhlelo oluyisipesheli olusakazwe kwiMoja Love (157) ngeSonto lumshiye ephatheke kabi, ngoba vele ungumuntu ongafuni nokuyizwa eyokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Lolu hlelo oluyisipesheli lukhonjiswe kwiMoja Love, ngeSonto ngo-9 ebusuku.
Kulona kubonakale abantu abehlukene abalwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, abebemenywe ukuzokhuluma noSiyacela bameluleke ngezinto ezithinta isigameko sangeledlule lapho uThando aveze khona ukuthi uSiyacela umshayile futhi ubengaqali.
Uhlelo beluphethwe uLinda Sibiya otinyelwe ababukeli ezinkundleni zokuxhumana bemsola ngokugaluphathi ngendlela. Bekukhona nomlingisi uSello Maake kaNcube, oseke waphumela obala ngokuhlukunyezwa kwabesifazane ehambisana nabeluleki bengqondo abebemenywe ukuzolekelela.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhale ngokuthi uSiyacela akakhombisanga ukuzisola, yize exolisa. Kulesi siqephu laba bahluleke bancama ukubonisa uSiyacela, obebonakala ukuthi akazizwa iziyalo zabo.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana bazwakalisa imibono eyehlukene ngokukhonjiswa kohlelo oluyisipesheli. Abanye bakhale ngokuthi uLinda akumele elokhu enikwa izinhlelo zalolu hlobo njengoba ebuye avune abesilisa okumele ngabe akavumelani nabo.
Bamsole ngokuthi akabenzi ubulungiswa njengoba nasohlelweni olukhonjiswa kuMzansi Magic (161), oluthi Mnakwethu engakaze alwele amalungelo abesifazane abangasifuni isithembu.
U-@MsRebrand uthe: “ULinda Sibiya useyinxusa lezinhlelo ezikhuluma ngamadoda ahluphayo kwithelevishini? Waze wanomsebenzi onzima kodwa-ke umsebenzi ngeke sisho lutho.”
U-@NseleWanda uthe: “Lolu hlelo lusichithela isikhathi nje, sidinga ezinye ezingcono kunalolu. Okumele bakwazi naye uLinda Sibiya ukuthi ukwenza inkulumo ngxoxo ukuze kukhulunywe ngesimo esisuke sikhona lokho akusenzi leso simo sibe ngcono, besingekho isidingo sale nto abayenzayo ngoba usazoyiphinda uSiyacela”.
U-@Mandlela9 uthe: “Ukweyisa okukuSiyacela hayibo lapho uLinda Sibiya uyamvikela kunokuthi amsole ngokwenzekile ngaze ngaphoxeka”.
U-@Dexigner2 uthe: “Ukudelela kukaSiyacela ayikho into engenziwa noma engashiwo ukuze akushintshe. ULinda Sibiya wahluleka ukwethula uhlelo uMnakwethu waze waphoqa uMashamase ukuthi amukele unkosikazi wesibili. Ngakho uLinda angambuza kanjani uSiyacela ukuthi uyazisola noma cha? Kumele ngabe uzisholo yena lokho akuyona nento okumele abuzwe yona.”
ULinda Sibiya uthe naye ngesikhathi ethula uhlelo ubengaphathekile kahle njengoba engakholelwa ekutheni kushaywe umuntu wesifazane.
“Mina imibuzo ebengiyibhekise kuSiyacela ibibhalwe yisiteshi hhayi imina, kodwa nami ngenxa yokubona ubucayi bodaba kula ngithathe khona isinqumo sokuthi ngifake neyami njengalona nje othi: ‘Ekhaya ngabe uke wabona yini kuhlukunyezwa omunye womama?’
USiyacela uludinga kakhulu usizo ngoba nami ngibonile ukuthi lokhu esikukhulumayo kufana nokuthela amanzi emhlane wedada. Kodwa mina noSello ngemuva kokuqopha sike sakhuluma naye isikhathi eside samtshela ukuthi uma eqhubeka kanje uzogcina ejele,” kuchaza uLinda.
Uthe ngisho isiteshi usitshelile ukuthi uSiyacela noThando kumele batholelwe usizo.