UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1
UNKUNZI umangaza uNkazimulo ngesipho amnika sona, kodwa indlela abukeka ngayo uma esithola ayiyona le uNkunzi akade eyilindele. Isazi sezamabhizinisi sisiza oShlobo ngesikhangiso esingaletha amakhasimende. Izinsizwa zithatha indlela ezenza ngayo imali ziyoyiqala endaweni eyingozi. UMadlala ongazethembi ufuna indawo yowesifazane omuhle omi kahle ithathwe nguye. Izinsizwa zibamba ufishi omkhulu emkhakheni wamabhizinisi. Ukusebenza kanzima kukaMzamo ekugcineni kuthela izithelo. UPrince (Bhekisizwe Mahlawe) usemizwamweni yokwenza okuhle kuSipho. Iqhinga likaNkazimulo liyajika liba nobungozi futhi limbeka esimweni esibucayi. OShlobo ababoni ukuthi izinsongo abazitholile zingaqeda ngebhizinisi labo.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwi-SABC1
INTO ayibonayo uKhumo imshiya emangele futhi ephatheke kabi. Ukuba khona kukaNozipho endaweni ehlala izintandane kudonsa amehlo abantu abangalungile. UJack akakwamukeli ukuthi kubukiswe ngaye emphakathini. UFikile ucabanga kaningi ngokumele akwenze. Indlela aphendula ngayo uKabisi ivezela uKamogelo ukuthi kukhona okungahambi kahle. U-Anathi usekulungele ukulwela ingane yakhe engakazalwa. Umfana omncane ukulungele ukuthola izimpendulo. Ingxoxo ayihambi ngendlela afisa ngayo uJack, kodwa kungani ejabule? Amaqhinga kaMelokuhle aqedwa uLucy. UKhumo uthola umlayezo othusayo.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
NJENGOBA kuqhubeka ukungezwani, kuyacaca ukuthi impi phakathi kukaTaps noTiro iyasondela. UNhloso uthuswa indlela izinto ezenzeka ngayo kuyo futhi uyazi ukuthi ubani ozenzayo. UTiro (Lebohang Msiza) izinto azimhambeli kahle njengoba ezithola esesimweni abengasilindele. Umama usadidekile indlela indodana yakhe engena ngayo ezinkingeni. Kunenjabulo emzini wakwaSindane. Kuphuma imfihlo kumfana osemncane. UKgopolo uthola iqiniso akade elifuna kuTiro. UNtuthuko ukhathazekile ngekusasa lakhe. UTalitha uhlanganisa iqhinga elingaphusile, nokuphoqa uTiro ukuthi alungele ukwenza into esezingeni eliphezulu. UMa'Dlomo uthola ulwazi olumphazamisayo ngendodana yakhe.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
UKELETSO uya ku-Isaac uyofuna usizo mayelana nobudlelwano bakhe obunezinkinga noKatlego, kodwa u-Isaac akaphatheki kahle ngokuxoxa lezo zindaba nendodakazi yakhe futhi uyahluleka ukuyisiza. UPalesa umema uNeo emcimbini ukuze bezojabulela isitolo sakhe esizovulwa maduzane. UNeo ukubeka kucace ukuthi akanayo imizwa ngoPalesa. Umngani kaKeletso uyaxolisa kuKatlego. UNeo odidekile futhi osezinhlungwini uyaqhubeka nokukhathazeka njengoba u-Ona eqhubeka nokumtshela ukuthi yize balala bobabili kodwa lokho akusho lutho kuye. U-Isaac usala enomuzwa wokucasuka uma uMjabuliseni ebuya endaweni yokucwala izinwele nezimbali eziphathele uMaria futhi evuma ukuthi uyamthanda.
MY BROTHER’S KEEPER
Ngo-7.30 ebusuku, kuMzansi Magic
U-DOREEN ulethela uNqubeko isudi. Ingabe uzoyithola ibheyili noma cha? Njengoba uMshengu noMaMchunu bethola uxolo, uDoreen noMaMchunu bayaxabana. Kuyamkhathaza uMshengu ukubona ukuthi uMaMchunu ucashe ngoNkulunkulu futhi uyanqaba ukubhekana nento esemehlweni abo. UMshengu uphelelwa ukubekezela futhi ufundisa uDonga isifundo. UFakazile noMakazi bayabungaza. UNqubeko udala uthuthuva eKushumayeleni, futhi kuba khona impi. UFakazile (Zola Nombona) uphoxa uMenzi emzuzwini obalulekile. UNdumiso usothandweni oluvutha amalangabi noTshidi kodwa uthando lusohlangothini olulodwa. UNqubeko uvula elinye isayidi uma ekhombisa umfowabo i-video kaThuthuka futhi izinto azihambi ngendlela akade ehlele ngayo. UFakazile uhlaselwa imizwa ehlukene futhi wenza iphutha elikhulu.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
UKUVUMA kukaGabisile kudala imiphumela engemihle. ULwazi uba nengxoxo engaphethi kahle noMaXimba. USibusiso ujabule ngesiqalo esisha. Ukufa komuntu kungazelele kunyakazisa umndeni wakwaMthembu futhi bazama ukuthola ithuna likaMzobe. UMaMzobe ukhuluma phezu komyeni wakhe ongaphilile, uyathandaza kanzima uze ukhohlwa nabekutsheliwe. USibusiso uyaveza kwabadala ukuthi inhliziyo yakhe kukhona oseyintshontshile. Intukuthelo kaSkhumba iholela ekutheni akhiphe izinsongo ezimbi azibhekise kuMabusi noSiphamandla. Umkhandlu ucabanga ukuthi kukhona osondelene noDifa okunguye omgwazile. Imfihlo yokubulala kukaMaMzobe ethinta uMthembu iyabuya izomhlasela. USkhumba uzoxwayisa uMaNzimande noSiphamandla.