AKAYINGENI eyabahlekisa ngeziqu zobudokotela ahlonishwe ngazo yiTrinity International Bible University umakadebona womlingisi, uSello Maake kaNcube.
USello, owazakhela udumo edlala indawo ka-Archie Moroka kwiGenerations, uhlonishwe ngeziqu zeDoctor of Philosophy in Business Administration. Ayikho imininingwane ephelele evelayo ngale nyuvesi.
USello ufake izithombe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo, ethweswa iziqu.
Ucaphune iBhayibheli ku-Isaiah 43:2, “Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha nelangabi.”
Uphinde wabhala ukuthi akube khona otshela umkakhe uPearl Mbewe Maake kaNcube ukuthi akasaqhubi impilo negugu lesizwe kodwa nodokotela ohlonishiwe.
Enkudleni yokuxhumana u-X, abanye babhale ukuthi sengathi yikolishi yaserenki yamatekisi.
UNicola uthe: “Uhulumeni uzoqala nini ukuvala izikhungo ezikhipha iziqu zomgunyathi? Sengikhohliwe, iningi labo lithola iziqu ezingamanga siqu sabo.”
Abanye bathe uyazihlambalaza ngesikhathi abanye bebuza ukuthi uke wayiphenya yini le nyuvesi?
Abanye bebemhalalisela.
U-Uncle T umhalaliselile wathi impilo ibibukeka sengathi inzima kuye emasontweni edlule.
UPearl, ophinde abe yimenenja kaSello, ushaye ngamafuphi ngesikhathi ethintwa yileli phephandaba, wathi ababanaki futhi abaphawuli ngabaveza imibono yokungahalalisi.
Uthe uSello ujabule futhi uyabonga ngokuhlonishwa kwakhe.
Okunye obekwenza abantu baphawule wukubona laba bobabili bendawonye. Emasontweni edlule, iphephandaba iSunday World labika ukuthi laba abashada ngo-2021, bahlukana kusuka ngonyaka odlule.
Laveza ukuthi uSello ufaka isehlukaniso, lathi ukuhlukana kwabo kweza ngemuva kokuthi uPearl wathola ukuthi lo mlingisi usaxhumana noCynthia Hlahla ayethandana naye kudala. Kuthiwa balwa ngaphambi kokuthi uSello axoshe uPearl kwakhe.
UPearl wabhala kwi-Instagram ukuthi abantu ababashayise ngomoya futhi uyamthanda umyeni wakhe. NoSello wabhala ukuthi abantu bayashesha ukwahlulela futhi uzoqhubeka enze njengomyeni.
Ihhovisi likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uSolwazi Blade Nzimande likhiphe isitatimende lapho ethe ubone imibiko nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuhlonishwe ngeziqu zobudokotela osaziwayo yiTrinity International Bible University.
“Ngokwamabhuku ethu njengoMnyango weMfundi ePhakeme nokuQeqesha, iTrinity International Bible University ayisona isikhungo semfundo ephakeme esizimele esibhalisiwe. Ngakho iTrinity Internatioanl Bible University ayigunyaziwe ukukhipha iziqu ngisho ezokuhlonipha,” kusho isitatimende.
Sithe umnyango uke wasibhalela lesi sikhungo usexwayisa ngokusebenza ngokungekho semthethweni.
Umnyango uqhube wathi ucabanga ukuthathela lesi sikhungo izinyathelo nanoma wubani oqhubeka nokungayihloniphi imigomo yawo.
Uthe uzimisele ngokuxoxisana nalesi sikhungo nosaziwayo abahlonishiwe ukuze bezochaza kangcono.