SEKUVELE izindaba zokuthi usesibhedlela futhi isimo sakhe asisihle umlingisi ophinde azikhiqizele amafilimu uLeon Schuster(72), odume kakhulu ngelikaMr Bones.
Uzakwabo weSolezwe, i-IOL, ibike ukuthi lo mlingisi ungeniswe esibhedlela ngemuva kokushelela awe, esanda kuqeda kuhlinzwa.
Kuthiwa uwa nje ubesanda kubuyela emzini wakhe kade eyohlinzwa okokuqala nokwenzeke ngo-Agasti ngonyaka odlule.
Ekhuluma ngalesi sigameko uLeon uveze ukuthi isimo akuso akasithandi njengoba esephila ngokuhlala esibhedlela futhi usizwa kakhulu izingane zakhe nomsizi wasendlini.
“Isimo sami asisihle. Nami angizithandi uma sengiphila kanje. Ngiphinde ngahlinzwa futhi ngemuva kokuthi ngiwe ngisalulama la emzini wami. Ngavuka nginokudideka emqondweni ngingazi ukuthi ngikuphi njengoba ngangifuna ukuya ethoyilethi. Ngathi ngisazama ukuhamba ngazichamela ngashelela ngawa ngomgogodla. Lokhu kwadala ukuthi kuvuke izinhlungu zakuqala futhi udokotela ungitshelile ukuthi ubuhlungu engibuzwayo into esengizophila nayo,” kusho uLeon.
Uthe okunye udokotela amtshele khona ukuthi kumele aqikelele njengoba uma eke waphinda wawa futhi kuyobe kuphelile ngomgogodla wakhe.
“Ukuphinde ngiwe kungiphindisele emuva kakhulu uma kuza ekutheni ngilulame. Nginengcindezi encane manje ngalesi simo esingivelele. Sesiside isikhathi ngahlinzwa manje sekwenzeka lokhu futhi. Kodwa ngizozama ngayo yonke indlela ukuthi ngilulame bese ngikholwa ukuthi konke kuzohamba kahle,” kuchaza yena.