PHAMBILINI bekwaziwa ukuthi owesifazane ogqoke isudi yebhulukwe isikhathi esiningi yilowo ophoqwa wuhlobo lomsebenzi.
Amasudi abejwayeleke kwabesifazane abangabaphathi emsebenzini, izimantshi namajaji. Kulo nyaka abuyile amasudi futhi agqokwa kunoma yiluphi uhlobo lwemicimbi. Njengoba imicimbi yokuthweswa iziqu ibithe chithi saka emanyuvesi ahlukene muva nje, amasudi abebonakala ehamba phambili.
Lesi sitayela sibizwa ngePower Suit, lapho abesifazane begqoka izinhlobo ngezinhlobo zamasudi amabhulukwe. Nakosaziwayo singenisile lesi sitayela, asebebaningi ababonakala ezithombeni ezinkundleni zokuxhumana nakweminye imicimbi bewagqokile. Kubona kubalwa uDJ Zinhle, Nomzamo Mbatha, Lerato Kganyago noNkk Noma Gigaba. UNkk Gigaba unezinhlobo ngezinhlobo nemibala ehlukene yamasudi.
Umsiki wengqephu uPinky Radebe ozoba sembukisweni weDurban Fashion Fair eThekwini, uthe nakuwona lo mcimbi kuzobe kudlisa wona.
“Kuyiqiniso ukuthi amasudi awasakhethe bantu namicimbi. Kukhona ngisho ahambisana nentolibhantshi, kube yi-3 Piece. Kulesi sitayela samasudi kwande ayimibala egqamile okubalwa ophuzi, omhlophe noma uRoyal Blue.”
Ugcizelele nokuthi la masudi aba wumbala owodwa futhi ungawagqoka kunoma yimuphi umcimbi.
IMIBALA egqamile iyadlisa kumasudi abesifazane futhi abanye bawagqoka ngaphandle kwamashethi njengoDJ Zinhle Isithombe: PINTEREST.COM
Uthe abanye bawagqoka namahembe nobhothayi, abanye bawagqoke bese beveza isifuba noma amabele. “Okuhle ngawo ukuthi awakhethile uhlobo lomcimbi. Emcimbini wezinga elicomeke ungawagqoka nezicathulo eziphakeme. Ungakwazi futhi ukuwagqoka namateku uma kuwumcimbi ojwayelekile. Okuhle ngawo ukuthi akwenza ubukeke uhloniphekile futhi ayaheha.”
UNksz Phindile Mzobe oyi-Image Consultant, uthe impela angenisile amasudi futhi asazohlala isikhathi. Uthe yinhle kakhulu isudi uma ihambisana nentolibhantshi. Uthe kumele ibhulukwe lihambisane nokuma komzimba ukuze kubukeke kahle, yingakho abanye bencamela abathungelwe wona kunokuthenga isiyenziwe. Izinhlobo zala masudi kukhona anamabhulukwe abambanayo navulekile emlenzeni ngezansi. Kunahambisana namabhantshi anezinkinobho eziphambanayo, amanye anezijwayelekile.